ElePSL lixoshe umqeqeshi elalimqashele esinye isikhundla
SIHLE NGUBO
ICape Town City seyinqume ukumkhomba indlela uMuhsin Ertugral obeqashwe ngemuva kokuxoshwa kuka-Eric Tinkler kuleli qembu laseKapa.
U-Ertugral, odabuka eTurkey, ubeqashwe kuthiwa uzoba yiTechnical Director kodwa uzobamba njengomqeqeshi kuze kuphele isizini.
Ufike wanyakazisa izinto iCityzens ishaya iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ngokulandelana emidlalweni yeBetway Premiership.
Okuxakayo ngokuxoshwa kuka-Ertugral ukuthi ubengeyena umqeqeshi weqembu kodwa ubebambile kuze kuphele isizini.
“Ngemuva kwezingxoxo iqembu noMuhsin Ertugral bavumelene ngokuthi kuhlukane izindlela,” kusho isitatimende seCity.
“Lesi sinqumo siza ngokusithatha ngokubambisana ngokucabangela iqembu njengoba sifuna ukuqeda isizini ka-2024/2025 ngegiya eliphezulu.
“Sithanda ukubonga uMuhsin ngobuchule nendlela enhle aphathe ngayo iqembu.”
Ngempelasonto iCity ishaywe yiMarumo Gallants ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership.
Leli qembu lisendaweni ka-13 kwilogi yePremieship.