‘AmaKruger’ aseMpumalanga anethuba lokunyukela kwiPremiership
SIHLE NGUBO
I-Kruger United yaseMpumalanga inethuba lokunyukela kwiBetway Premiership ngemuva kokuhlala isizini eyodwa kuphela kwiMotsepe Foundation Championship.
Leli qembu linyukele kwiChampionship ngemuva kokuhlala imidlalo yokuhlunga ngoJuni nyakenye.
Lidlale kowamanqamu neHighbury yase-Eastern Cape nobekuchaza ukuthi womabili la maqembu abesezonyukela kwiChampions, kungakhathalekile ukuthi kunqoba liphi kowamanqamu.
I-Kruger isendaweni yesibili kwilogi yeChampionship ngamaphuzu angu-36, emidlalweni engu-22.
Phambili ziholwa yiDurban City yaKwaZulu-Natal esethubeni elihle lokuba ngompetha beChampionship bese inyukele kwiPremiership, ngaphandle kokudlala eyokuhlunga.
Amaqembu azoqeda endaweni yesibili neyesithathu yiwona azodlala eyokuhlunga nelizoqeda endaweni ka-15 kwilogi yePremieship.
Endaweni yesithathu kwilogi yeChampionship kuhleli i-Orbit College nayo enamaphuzu angu-36 emidlalweni engu-22.
Kubukeka kusazoshuba impela ngoba iJDR Stars nayo inamaphuzu angu-36 endaweni yesine, kuthi iCasric Stars ibe nawu-35 endaweni yesihlanu.
IMilford FC nayo isenalo ithuba lokuzibekisela indawo kweyokuhlunga njengoba inamaphuzu angu-32 endaweni yesithupha.
‘AmaKruger’ aseMpumalanga anomdlalo onzima olandelayo njengoba ezobhekana neCape Town Spurs e-Athlone Stadium, eKapa, ngoMashi 29.
ISpurs ilwela ukungadliwa yizembe njengoba izothola isendaweni yesibili ukusuka emsileni kwilogi yeChampionship.
Asisekho isikhathi sokuqhuzuka kuwona wonke amaqembu njengoba sekusele imidlalo eyisishiyagalombili kuphela ukuthi kusongwe isizini.