IBucs isayinise umdlali weBaroka FC
SIHLE NGUBO
I-Orlando Pirates seyisayinise umdlali weBaroka FC, egijima kwiMotsepe Foundation Championship, uKabelo Kgositsile, ozoyijoyina uma kuqala isizini ka-2025/2026.
Lokhu kuqinisekiswe yiBaroka esisatatimendeni esifushane mayelana nokuhamba kwalo mdlali.
“UKabelo Kgositsile uzojiyina i-Orlando Pirates FC ekupheleni kwesizini, usayine inkontileka yeminyaka emihlanu,” kusho isitatimende seBaroka.
“Simfisela okuhle kodwa kukhona konke azobhekana nakho ekusaseni lakhe.”
UKgositsile isazomdinga iBaroka emidlalweni esele yeligi njengoba sezihubela sakusha. Lo mdlali ugijima ophondweni kanti muhle ngokuhlasela.
IBaroka isendaweni yesishiyagalombili kwilogi yeChampionship ngamaphuzu angu-29 emidlalweni engu-22.
Yize lisekhona ithuba lokuthi iqede endaweni yesibili noma eyesithathu, ukuze idlale imidlalo yokuhlunga, kodwa imidlalo seyishube kakhulu manje.
Leli qembu ligcine lishaywe yiCape Town Spurs, ezama ukubalekela izembe, ngo 2-0 emdlalweni odlule weligi.
Emdlalweni olandelayo izobhekana neBlack Leopards eThohoyandou Stadium, ngoMashi 29.