IChiefs izodlala kwiCAF Confederation Cup ngesizini ezayo
SIHLE NGUBO
Ukuzibekisela indawo kowamanqamu weNedbank Cup kweKaizer Chiefs kuyibeka ethubeni elihle lokuyodlala kwiCAF Confederation Cup noma ingangayiqukula indebe.
Amakhosi amangaze abaningi eshaya iMamelodi Sundowns ngo 2-1 kowandulela owamanqamu ngeSonto, lapho ebanganikwe khona lutho.
Ukunqoba lo mdlalo kuchaza ukuthi ezikaNasreddine Nabi sezizobhekana ne-Orlando Pirates kowamanqamu weNedbank Cup ngoMeyi 10.
IBucs, okuyiyona evikela iNedbank Cup, idlulele kowamanqamu ngemuva kokushaya iMarumo Gallants ngo 1-0 ngalo iSonto kowandulela owamanqamu.
Njengamanje iPirates isendaweni yesibili kwilogi yeBetway Premiership nokuchaza ukuthi uma iqeda ilapho izodlala kwiCAF Champions League ngesizini ezayo.
Lokhu kunika iChiefs ithuba lokuyodlala kwiCAF Confederation Cup kungakhathalekile ukuthi iyayinqoba iNedbank Cup noma ayiyinqobi ngoMeyi 10.
Okunika iBucs ithuba lokuthi ingadlulwa amaqembu ayilandelayo, iSekhukhune United, iTS Galaxy neStellenbosch FC, ukuthi ingemuva ngemidlalo kanti izama nokuhubha iSundowns esicongweni kwilogi yePremieship.
Njengoba iRoyal AM seyikhishiwe kwiPremiership kuchaza ukuthi amaqembu angu-15 asezodlala imidlalo engu-28 kuphela.
IChiefs yona izolwela ukubuyela kwiTop 8 njengoba ukuphucwa iphuzu eyalithola ibambana ngo 2-2 neThwihli Thwahla kuyehlisele endaweni yesishiyagalolunye.
Amakhosi namaBhakabhaka bazoqale bazwane amandla kowePremiership ngoMeyi 3 ngaphambi kokuthi bagadulisane kowamanqamu weNedbank Cup ngoMeyi 10 eMoses Mabhida Stadium.

