iNedbank Cup

OweChiefs uveza ubuthaka beDowns okubenze banqoba

SIHLE NGUBO 

Umdlali weKaizer Chiefs uWandile Duba uthi bebevele bazi ukuthi ikhongco elibuthaka kwiMamelodi Sundowns uLucas Suarez owenze iphutha kwangena igoli emdlalweni weNedbank Cup ngeSonto.

UDuba uyena oshaye igoli lokulinganisa ngesikhathi kubambene Amakhosi naBafana Ba’Style emdlalweni owandulela owamanqamu weNedbank Cup eLoftus Stadium, ePitoli.

Elinye igoli leChiefs lishaywe ngu-Ashley du Preez lagcina lidlule ngo 2-1 iqembu laseNaturena, yize like lalandela ngemuva ngo 1-0.

ISundowns ibihambe phambili ngegoli elihle elishaywe uTeboho Mokoena sekusele kancane ziye ekhefini.

Ukunqoba kweChiefs kusho ukuthi izobhekana ne-Orlando Pirates kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium ngoMeyi 10.

“Umuntu ebesihlele ukumhlasela uyena uLucas Suarez ngoba siyazi unamaphutha,” kusho uDuba oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.

“Besazi ukuthi uma simphoqa ukuthi adlale ngaphakathi uzosiphasela amabhola.”

Bekubukeka sengathi ngeke isabuya iChiefs njengoba ziye ekhefini ilandela ngemuva ngo 1-0. UDuba uthi umqeqeshi uNasreddine Nabi uthe akuphelile.

“Usitshelile ukuthi asehlise umoya, akonakele, kusenemizuzu engu-45 yokushintsha umdlalo,” kusho uDuba.

“Angicabangi ukuthi bakhe amathuba amaningi la bantu. Bathole leya free kick bashaya igoli kuphela.

“Siye kulo mdlalo sigqugquzeleke kakhulu. Besidlala neSundowns ebisisishaye kathathu.

“Beyingeke ikwazi ukusishaya izikhawu ezine ngesizini eyodwa. Ngakho besigqugquzeleke kakhulu.

“Umqeqeshi usitshelile ukuthi singanaki abezindaba. La bantu abasigxekayo yibona futhi abasithandayo.

“Abantu bazohlale bekhuluma. Wenza kahle bayakhuluma, wenza kabi bayakhuluma. Ngiyajabula ukuthi senze konke ukunqoba lo mdlalo.”

IChiefs sekuphele iminyaka eyishumi yagcina ukuqukula indebe. Leli yithuba layo lokujabulisa abalandeli ngokunqoba iNedbank Cup.

“Kusho lukhulu ukuya kowamanqamu. IKaizer Chiefs inesikhathi eside ingayi kowamanqamu. Uma siya kowamanqamu siyozinikela ngokuphelele,” kugcizelela uDuba.