EzakamuvaIBetway Premiership

UNabi uthembisa ukubuyisela iChiefs phezulu ebholeni laseMzansi

SIHLE NGUBO

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, unethemba lokuthi uzobuyisela leli qembu laseNaturena endaweni elifanele ebholeni laseNingizimu Afrika, njengoba kuqala isizini entsha.

Lo mqeqeshi usho lokhu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iBetway Premiership ka-2025/2026, eGoli, lapho bekukhona bonke abaqeqeshi bamaqembu angu-16.

IChiefs ayibanga nesizini enhle edlule njengoba iqede endaweni yesishiyagalolunye kwilogi yePremieship.

Lokhu kuqinisekise ukuthi ayibi yingxenye yeMTN8, esifinyelele kweyandulela owamanqamu njengamanje.

Lokhu kungenzi kahle kwaMakhosi kuholele ekutheni abanye abalandeli bangabaze amava kaNabi, obekuyisizini yakhe yokuqala ecija iChiefs.

Lo mqeqeshi waseTunisia ukholwa ukuthi bazokwazi ukwenza kahle kulokhu babuyise nesithunzi seqembu.

“Sikholwa ukuthi kuzoba nokuncintisana okukhulu kulokhu,” kusho uNabi.

“Bonke abantu bazilungiselele kahle. Ngikholwa ukuthi kuzoba nombango ongcono kunesizini edlule.”

IMamelodi Sundowns iyona ebe ngompetha beligi okwesishiyagalombili kulandelana.

Lokhu ikwenze kalula ngakho amaqembu kuzomele abhukule ukuze ayivimbe kulokhu.

“Into ebaluleke kakhulu kithina ukuba nomgqigqo omuhle,” kwenaba uNabi.

“Lokho kusho ukuthatha umdlalo ngamunye ngesineke, bese sinqobe imidlalo eminingi ngendlela esingakwazi ukwenza ngayo.

“Njengoba ngike ngasho phambilini ukuthi inhloso enkulu ukubuyisela iChiefs lapho ifanelwe ukuba khona – phezulu ebholeni laseNingizimu Afrika.

“Kule sizini kumele sibhekane neqembu ngalinye, sinqobe imidlalo eminingi, bese sibone ukuthi siphelela kuphi ekupheleni kwayo.”

Ngesizini edlule iChiefs ishaywe kakhulu ukuhluleka ukunqoba imidlalo ilandelana, nokwenze yasala kwamanye amaqembu.

Okunye okubulele Amakhosi ukwakha inqwaba yamathuba kodwa ehluleke ukuwabeka enethini.

Njengamanye amaqembu iChiefs inabadlali abasha okulindeleke ukuthi bashintshe izinto kule sizini.

Phambili yengeze ngoFlavio da Silva obedlala e-Indonesia, okusabhekwe ukuthi angene kahle esitayeleni seChiefs.

Leli qembu laseNaturena lizovakashela iStellenbosch FC emdlalweni weBetway Premiership, e-Athlone Stadium, eKapa, ngeSonto ngo-5.30 ntambama.

IStellies iguqise AmaZulu FC ngo 3-2 esikhathini esengeziwe emdlalweni we-quartfinal yeMTN8, eCape Town Stadium, ngeSonto.

Nakanjani ezikaSteve Barker zizofuna ukuqhubeka nomgqigqo wazo kwiPremiership ngeSonto.