NEDBANK CUP: I-PSL seyigcine icacisile ngamathikithi oweChiefs neBucs
SIHLE NGUBO
I-Premier Soccer League (PSL) seyiqinisekise ukuthi amathikithi omdlalo wamanqamu weNedbank Cup azoqala ukudayisa ngoMsombuluko, ngoMeyi 5.
Emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup kuzotholana phezulu iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMeyi 10.
Amathikithi azotholakala e-Open Tickets okuyindawo embandakanya iShoprite/Checkers. Azoqala ukudayisa ngo-10 ekuseni ngoMsombuluko.
Abalandeli bangakwazi ukuthenga amathikithi ngokungena ku-www.opentickets.co.za kanti abiza u-R150.
Ukuze kungabi khona ukwenzelela umuntu ngamunye uzovunyelwa ukuthenga amathikithi amane kuphela kulo lonke izwe.
Amathikithi ezindawo zomtaka bani nawo azoqala ukudayisa ngoMsombuluko ekuseni.
Ukuthola olunye ulwazi mayelana namathikithi umphakathi ungashayela ku-082 805 3150 noma i-email ethi: booking@sail.co.za .
I-PSL ixwayisa amalungu omphakathi ukuthi aqaphele, athenge amathikithi ezindaweni ezigunyaziwe kuphela.
Amathikithi athengwe emahashahasheni ngeke asebenze futhi ngeke akunike imvume yokungena enkundleni ngosuku lomdlalo.
Iligi inxusa bonke abathandi bebhola ukuthi babambisane nayo, baqinisekise ukuphepha nenjabulo kowamanqamu weNedbank Cup.