IBetway Premiership

IPirates ijabulise abalandeli inqoba eMabhida

SIHLE NGUBO 

I-Orlando Pirates inike abalandeli bayo ithemba lokuthi izokwazi ukunqoba eMoses Mabhida Stadium nangempelasonto ngesikhathi ishaya iLamontville Golden Arrows ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership kuyona le nkundla ngoLwesibili ebusuku.

EZimnyama zisazobhekana neKaizer Chiefs emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.

Ukunqoba kwi-Arrows akungabazeki ukuthi kuzoyinika ukuzethemba okukhulu iPirates ngaphambi kowamanqamu eThekwini nezimbangi ezindala Amakhosi.

Okuhlaluke ngesiwombe sokuqala ukuthi Abafana Bes’thende bebedlala kangcono kuneZimnyama futhi beliphaselana kahle ibhola.

Lokhu bekuphoqa iPirates ukuthi idlalele engxenyeni yayo isikhathi esiningi, icindezelwa kanzima yi-Arrows.

UYanga Madiba weBucs ubemiswe kabi uSiyanda Mthanti obeyifuna ngenkani indlela kuyena.

Lokhu bekulucindeza kakhulu udonga lwePirates lugcine selwenza amaphutha.

EZimnyama zisiqale kangcono isiwombe sesibili zikhombisa ukuthi zifuna ukubuya nawo amaphuzu amathathu eThekwini.

Akumangazanga ngesikhathi uPatrick Maswanganyi eshaya igoli lePirates ngomzuzu ka-51 kwaba ngu 1-0.

IBucs ilitholile ithuba lokushaya igoli lesibili kodwa wakha amabhilidi uBoitumelo Radiopane esebhekene nonozinti.

Ngomzuzu ka-59 iBucs iphinde yalala emuva kulokhu yangasinda njengasesiwombeni sokuqala. 

UMthanti, obewuhlupho kwiBucs, uyena olibeke phakathi kwaba ngu 1-1.

Abengakapheli amagoli eMoses Mabhida Stadium njengoba uTshegofatsa Mabasa eshaye elihle igoli ngomzuzu ka-73 yaphinde yahamba phambili iPirates.

Ukunqoba kweBucs kuyena ingaphumi embangweni wesicoco okwamanje, ikakhulukazi njengoba isele ngemuva ngomdlalo owodwa kwiSundowns.