Motsepe Foundation Championship

AwaKwaZulu-Natal azoqhubeka nokuba mane kwiBetway Premiership?

SIHLE NGUBO 

Azobuyela kwamane amaqembu ebhola aKwaZulu-Natal (uma lingekho eligawulwa yizembe) azoyibamba kwiBetway Premiership ngesizini ezayo ka-2024/2025.

Lokhu kulandela ukunqoba kweDurban City isicoco seMotsepe Foundation Championship ngemuva kokushaya iBlack Leopards ngo 3-2 eChatsworth Stadium, eThekwini, ngeSonto ntambama.

Bese kuvele kuqinisekisiwe ukuthi sikhona isikhala esivulekile KwaZulu-Natal kulandela ukuxoshwa kweRoyal AM yiPremier Soccer League (PSL) ngenxa yezinkinga zemali emasontweni edlule.

ICity, ebese izihole phambili kule ligi isikhathi eside, inqobe isicoco kusasele imidlalo yokugcina kule sizini.

Amanye amaqembu aKwaZulu-Natal akhona AmaZulu FC, iRichards Bay FC neLamontville Golden Arrows, okunethemba lokuthi wonke azobe esekhona ngesizini ezayo.

Nokho Abafana Bes’thende abaphephile ngokwanele ezembeni yize besele ngemuva ngemidlalo kwamanye amaqembu.

I-Orbit College seyinesiqiniseko sokuthi izodlala imidlalo yokuhlunga njengoba seyinethezekile endaweni yesibili kwilogi yeChampionship.

Amaqembu azobe asabanga indawo yesithathu emidlalweni yokugcina yiCasric Stars, iBlack Leopards, iKruger United neMilford FC.

Emsileni iLeruma United seyivele idliwe yizembe njengoba bekulindelekile. Amaqembu angaphephile ezembi yiCape Town Spurs, iVenda FC ne-Upington City.