Umengameli weSafa uphawula ngokuza kweVAR eMzansi
SIHLE NGUBO
Umengameli weSouth African Football Association (Safa), uDanny Jordan, uthi kumele isheshiswe into yeVideo Assistant Referee (VAR) eNingizimu Afrika ukuze zicace izinqumo ezithathwa onompempe.
Usho lokhu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iStandard Bank Under 19 Cup, eThekwini, ngempelasonto.
UJordan ubengomunye wabehambele lo mcimbi obuhlelwe yiSafa Ethekwini Region engaphansi kukaMazwi Mkhize ongumengameli.
Imidlalo yezikole yezingane ezingaphansi kuka-19 izoqala emasontweni amabili ezayo eThekwini namaphethelo.
Sekukhalwe kakhulu ngezinqumo zonompempe ezishayisa amakhala emidlalweni yeBetway Premiership.
Okuhlupha kakhulu abathandi bebhola ukuthi ngeMisombuluko kuyavela ukuthi isinqumo sikanompempe besishaya eceleni kodwa kusuke kungeke kusashintsha lutho.
UJordan uzwakalise ukujabula ngendlela ibhola laseNingizimu Afrika elikhuphuka ngayo kodwa wagcizelela ukuthi iyadingeka iVAR.
“Into ebalulekile ebhekwayo ukuthi udlala kanjani kwiCAF Champions League neCAF Confederation Cup, okuyikona okucacisayo ukuthi kudlalwa kanjani eqenjini lesizwe,” kusho uJordan.
“Lapha sikhuluma ngeBafana Bafana neBanyana Banyana. Uyazibonela ukuthi asikaze sibe nemiphumela emihle kanje.
“BesineStellenbosch kwiConfederation Cup bese kuba yi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns kwiChampions League.
“Ngakolunye uhlangothi iMamelodi Sundowns Ladies ingompetha njengoba inqobe iChampions League kwabesifazane.
“ISundowns ibe nesandla esikhulu ekutheni iBanyana ibe ngompetha (base-Afrika) manje kumele bavikele isicoco sabo.
“Kukho konke nje sijabulile ngendlela ibhola laseNingizimu Afrika elikhula ngayo.
“Nakanjani manje kumele sibe neVAR. Kusekhona izinkinga zokuthi bekuyigoli yini, bekuyiphenathi yini noma bekuyi-offside yini, lokho kumele sikulungise ngonyaka ozayo futhi iVAR izosisiza.”

