IBetway Premiership

Ngabe iBucs izovalelisa iSpanish Guitar ngokubhonya i-Arrows futhi? 

SIHLE NGUBO 

UJose Riveiro uzobe ‘ejayiva’ okokugcina ngci uma i-Orlando Pirates seyibhekene neLamontville Golden Arrows emdlalweni weBetway Premiership, e-Orlando Stadium, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.

Bese kwaziwa ukuthi uyahamba vele Riveiro kodwa bekulindeleke ukuthi aqede isizini neBucs, njengoba inkontileka yakhe iphela ngeJuni.

“UJose uze kithina emasontweni edlule ecela ukuthi simkhulule kwinkontileka yakhe ngaphambi kwesikhathi, njengoba esesayine neqembu elisha,” kuqinisekisa usihlalo weBucs u-Irvin Khoza esitatimendeni.

Lo mqeqeshi ukhonjwa kwi-Al Ahly yase-Egypt nokuvela ukuthi yisona isizathu esenze ukuthi acele ukugcina ngoLwesibili kwiPirates.

Imibiko engaqinisekisiwe ithi usevele usayine inkontileka yeminyaka emibili naleli qembu lase-Egypt, futhi uzoyikha ngamafosholo imali kulona.

IPirates izobhekana naBafana Bes’thende okwesibisili esikhathini esingangesonto emdlalweni weBetway Premiership.

La maqembu ahlanganile ngeledlule eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Kunqobe iBucs ngo 2-1.

Lo mqeqeshi uhamba nje izinhliziyo zabalandeli bamaBhakabhaka zibuhlungu, ngenxa yomsebenzi omuhle awenzele iqembu.

“Kubalandeli, ngesikhathi ngifika okokuqala nganifakela inselelo yokuthi niphume ngobuningi ukuzokweseka iqembu.

“Nakwenza lokho, nangaphezulu. Nenza umdlalo ngamunye waba umuzwa esihlale siwukhumbula, futhi ukuzinikela kwenu yinto eyohlala ikimina.

“Ngiyabonga ukuthi ningivumele ngibe yingxenye yaleli qembu elikhulu kangaka.”

Nakanjani kulindeleke ukuthi abalandeli beBucs baphume ngobuningi ukuyovalelisa iSpanish Guitar yabo ngoLwesibili ebusuku.