IBetway Premiership

IRichards Bay ayimdingi umqeqeshi omusha ngesizini ezayo

SIHLE NGUBO

IRichards Bay FC izodlala kwiMTN8 ngesizini ezayo kulandela ukupulukutshela emidlalweni yokugcina ngemuva kokushaya iSuperSport United ngo 2-0 ePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo.

Lokhu kuchaza ukuthi iNatal Rich Boyz izobhekana nompetha beligi iMamelodi Sundowns njengoba iqede endaweni yeshiyagalombili kwilogi yeBetway Premiership.

Leli qembu belishisa libuye libande kule sizini, nokufakazelwa ukuthi lize laxosha obengumqeqeshi uBrandon Truter.

Nokho abaqeqeshi abebekhona bazamile ukuthi iBay ingazitholi ivika izembe, kunalokho yangena kwiTop 8 ekugcineni.

Ngeledlule leli qembu likhiphe isitatimende lapho belichaza khona ukuthi alimdingi omunye umqeqeshi njengoba kusongwa isizini.

“IRichards Bay FC ithanda ukucacisa ukuthi iqembu alikho ezinhlelweni zokufuna omunye umqeqeshi,” kusho isitatimende seBay.

“Abaqeqeshi bethu uRonnie Gabriel, uPapi Zothwane noSiboniso Gumede, bazohlala futhi sifuna ukuqhubeka nokusebenzisana nabo.

“Bazoqhubeka nokuba sezinhlelweni zeqembu. Sithanda ukubabonga kakhulu ngokuzinikela kwabo ekukhuphuleni iqembu nokuqeda endaweni engcono kwilogi (yePremieship).”

UZothwane uqale isizini ekwiMagesi FC lapho ebeyiphini likaClinton Larsen. Laba baqeqeshi basize iMagesi ukuthi inqobe indebe yeCarling Knockout Cup, lapho beshaye khona iMamelodi Sundowns ngo 2-1 kowamanqamu.

Bobabili bagcine beshiyile kwiMagesi ngesikhathi sekubonakala ukuthi izinto azihambi kahle emidlalweni yeligi.