IBetway Premiership

IChiefs ingase ishone ‘esihogweni’ kakhulu kwilogi yePremiership

SIHLE NGUBO

IKaizer Chiefs ingase ishelele kakhulu kunakuqala uma imiphumela yemidlalo yeBetway Premieship esele ivuna iLamontville Golden Arrows neMagesi FC.

Amakhosi aphinde azithola eqeda ngaphandle kweTop 8 kulandela ukubambana nePolokwane City ngo 0-0 emdlalweni wokugcina weligi ngoMgqibelo.

Amakhosi bekumele awunqobe nakanjani lo mdlali ukuze azame ukugulukudela kwiTop 8.

Ngesizini edlule kube yisimo esifanayo iChiefs, engompetha beNedbank Cup ka-2025, ihluleka ukuzibekisela indawo kwiMTN8.

Okungaduduza abalandeli baMakhosi kulokhu ukuthi iqembu labo linqobe indebe okokuqala ngemuva kweminyaka eyishumi, nokuthi lizodlala kwiCAF Confederation Cup ngesizini ezayo.

Nokho iChiefs ingazithola yehlela phansi kakhulu kunakuqala kwilogi uma i-Arrows inqoba umdlalo ezowuqedela neSuperSport United, bese neMagesi inqobe ezowudlala ne-Orlando Pirates ngoLwesithathu.

Leli qembu laseNaturena linamuphuzu angu-32 kuphela endaweni yesishiyagalolunye, kanti Abafana Bes’thende neMagesi banamaphuzu angu-30.

Umdlalo weSuperSport ne-Arrows akukacaci ukuthi uzoqedelwa nini. Wamiswa ukuhamba kukagesi eLucas Moripe Stadium ngoFebhuwari 23.

Ngesikhathi kuphazamiseka umdlalo wakungu 1-1 kanti la maqembu azodlala isiwombe sesibili kuphela manje.

ISuperSport izama ukugwema ukuyodlala imidlalo yokuhlunga njengoba isizini seyifinyelele emaphethelweni.

Ukudlala ngokulingana noma ukunqoba kweSuperSport, kuzoqinisekisa ukuthi iCape Town City iyona ezodlala imidlalo yokuhlunga.

Amaqembu eMotsepe Foundation Championship alindile yi-Orbit College neCasric Stars. Nokho kusenacala elifakwe yiJDR Stars neCape Town Spurs ngomdlali weDurban City okusamele liqedelwe.

IChiefs kusamele icacise ukuthi iyamgcina yini umqeqeshi uNasreddine Nabi, osekuke kwaba namahlebezi okuthi angase axoshwe nethimba lakhe labaqeqeshi.

EzikaNabi zikwaze ukunqoba imidlalo eyishiyagalombili kuphela, zadlala ngokulingana eyishiyagalombili, zase zishaywa kwengu-12, emidlalweni engu-28 yeligi.