CAF Champions League

IPyramids ishaye iDowns yaqukula iChampions League okokuqala

SIHLE NGUBO

IPyramids yase-Egypt izifake emlandweni ngokunqoba iCAF Champions League okokuqala ngqa kulandela ukushaya iMamelodi Sundowns ngo 2-1 emlenzeni wesibili kowamanqamu e-30 June Stadium, eCairo, ngeSonto.

Lokhu kuchaza ukuthi leli qembu linqobe ngo 3-2 sekuhlanganiswe namagoli omlenze wokuqala owaphela ngo 1-1 eLoftus Stadium, ePitoli.

Igoli eladedelwa yiSundowns ngomzuzu ka-90+4 ekhaya yilona elenze leli qembu laseChloorkop laya kulo mdlalo linengcindezi kakhulu.

Yize iSundowns ibilithinta njalo ibhola kodwa iPyramids ibingavumi ukuthi ikwenze lokho uma isengxenyeni yayo.

Abadlali abafana noLucas Ribeiro uMarcelo Allende noTashreeq Matthews bebenganikwa ithuba lokubamba ibhola besengxenyeni yeqembu lasekhaya nokuyinto ebukeke iyisebenzela, iPyramids.

Kuvele konakala ngomzuzu ka-24 ngesikhathi uFiston Mayele eshaya igoli, yahamba phambili ngo 1-0 iPyramids.

Kube yiphutha likaGrant Kekana ohluleke ukususa umhlola ekhaya, lazithela kuMayele washaya igoli lakhe lesishiyagalolunye kwiChampions League kule sizini.

Nangemuva kwaleli goli iSundowns ibikuthola kunzima ukuphaselana ibhola kahle uma isengxenyeni yosokhaya.

Nokho bekumele ziye ekhefini kungu 1-1 kodwa uMatthews wahluleka ukulibeka phakathi ibhola elivinjwe ngonyawo unozinti wePyramids u-Ahmed Elshenawi.

Kucacile ukuthi iqembu laseNingizimu Afrika bese lihlalelwe umsebenzi omkhulu njengoba bese kungu 2-1 uma kuhlanganiswa namagoli omlenze wokuqala.

Ekuqaleni kwesiwombe sokuqala umqeqeshi weDowns uMiguel Cardoso ukhiphe u-Aubrey Modiba, obesenekhadi eliphuzi, wafaka uDivine Lunga endaweni yakhe.

ISundowns ibibukeka ihlasela kangcono kodwa kwaphinde konakala ngomzuzu ka-56 u-Ahmed Samy engqofela phakathi igoli kwaba ngu 2-0.

Izamile ukubuyela emdlalweni iSundowns ngemuva kokuthi u-Iqraam Rayners eshaye igoli ngomzuzu ka-74.

Nokho ukuhlasela kweSundowns iphindelela emizuzwini yokugcina kugcine kungayinikanga ebingathi uma ilishaya ibuye nendebe yeChampions League.