Ibhola lombhoxo

USiya uKolisi unethemba lokuthi iSharks izodlula kwiBulls

SIHLE NGUBO

Kunoshintsho oluncane kwi-lock yeHollywoodbets Sharks njengoba ilungiselela ukubhekana neVodacom Bulls emdlalweni owandulela owamanqamu weVodacom United Rugby Championship eLoftus Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ngo-6.15 ntambama.

Umqeqeshi uJohn Plumtree uphoqelekile ukuthi angamfaki ukaputeni u-Eben Etzebeth, olimale beziqeqesha kuleli sonto.

Endaweni yakhe kungene uCorne’ Rahl kanti u-Emile van Heerden ungene endaweni kaJason Jenkins, olimale iqembu libhekene neMunster.

UDeon Slabbert uzoba khona ebhentshini kanjalo noJurenzo Julius ongena endaweni kaFrancois Venter.

Ukaputeni uSiya Kolisi, uyazi ukuthi abadlali umbhoxo obukekayo ngendlela abafuna ngayo kodwa ukunqoba noma yikanjani kubalulekile.

“Sifuna ukudlala kangcono, kuningi nje esifuna ukukwenza kangcono enkundleni kodwa kuningi okuhle esikwenzile sibhekene neMunster,” kusho uKolisi.

“Sesike sadlala kahle kule sizini siyiqembu eliphelele wonke umuntu ekhona. Kodwa ngenxa yokulimala izinto zibuye zishintshe.”

IBulls ezobhekana neSharks ngoMgqibelo iyingozi kakhulu futhi uKolisi uyakwazi lokho.

“Into ebaluleke kakhulu ukuthola indlela yokunqoba ngesikhathi izinto zingahambi kahle,” kuqhuba uKolisi ongukaputeni wamaBhokobhoko.

“Sengike ngaba seqenjini lapho sisuke sidlala umbhoxo omuhle kodwa sishaywe. Ungaba nalokho noma ube sesimeni esikusona manje.

“Kodwa into ebaluleke kakhulu ukudlala uhlobo lombhoxo esaziyo ukuthi siyakwazi ukuwudlala.”

 

Komunye umdlalo owandulela owamanqamu ngoMgqibelo iLeinster izokwamukela iGlasgow ngo-3.45 ntambama.

Selilonke iqembu limi kanje:

1. Ox Nche

2. Bongi Mbonambi

3. Vincent Koch

4. Corne’ Rahl

5. Emile van Heerden

6. James Venter

7. Vincent Tshituka

8. Siya Kolisi (ukaputeni)

9. Jaden Hendrikse

10. Jordan Hendrikse

11. Makazole Mapimpi

12. Andre Esterhuizen

13. Lukhanyo Am

14. Ethan Hooker

15. Aphelele Fassi

Ebhentshini:

16. Fez Mbatha

17. Ntuthuko Mchunu

18. Hanro Jacobs

19. Deon Slabbert

20. Phepsi Buthelezi

21. Bradley Davids

22. Jurenzo Julius

23. Yaw Penxe

Abadlali abalimele:

Eben Etzebeth

Grant Williams

Jason Jenkins

Marnus Potgieter

Trevor Nyakane