IBafana iqhubeke nerekhodi elihle ishaya iMozambique
SIHLE NGUBO
Iqhubeke nomgqigqo omuhle wokudoja isibhaxu iBafana Bafana ngesikhathi ishaya omakhelwane iMozambique ngo 2-0 emdlalweni wobungani eNew Peter Mokaba Stadium, ngoLwesibili ebusuku.
IBafana iye kulo mdlalo kade iqeda ukubambana neTanzania ngo 0-0 komunye umdlalo wobungani ngoLwesihlanu.
Esiwombeni sokuqala bekubhoke iNingizimu Afrika ifika qathatha emzini weMozambique.
Umdlali okhahlelele ipali kakhulu kulesi siwombe, uRelebohile Mofokeng kodwa walokhu ephikile unozinti weMozambique.
Kwale noma esebhekene naye ngqo unozinti uMofokeng kodwa wehluleka ukuliqabulisa inethi.
Ziye ekhefini kungu 0-0 kodwa bekuzicacela ukuthi iBafana Bafana ibingaphezulu ngokomdlalo.
Isiwombe sesibili isiqale kahle iBafana njengoba uSinoxolo Kwayiba elingqofele phakathi ngomzuzu ka-47 kade kuyikhona.
Ngomzuzu ka-70 u-Ashley Cupido, obesuka ebhentshini, ushaye igoli lesibili leBafana.
IMambas yenze iphutha emuva ibhola lazithela kuMohau Nkota, walibeka kuCupido ongananazanga waliqabulisa inethi.
Iqembu lakuleli belingashaya amanye amagoli kulo mdlalo kodwa lehluleka ukusebenzisa amathuba alula eliwatholile.
IBafana ilungiselela imidlalo ebalulekile yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezoyidlala kusukela ngoSepthemba.
Izobhekana neLesotho neNigeria ngoSepthemba, bese itholane phezulu neZimbabwe neRwanda ngoNovemba.
Ngaphambi kwalo mdlalo iBafana encane idlulele kowandulela owamanqamu weCosafa Cup kulandela ukubambana neMauritius ngo 0-0.
Iqembu lesizwe laseMozambique, ebelidlala kwiCosafa Cup, lishaywe yiZimbabwe ngo 3-1 ngoLwesibili ntambama.
Lizohlangana nobhuti balo esikhumulweni sezindiza, baduduzane bebheke ekhaya ngemuva kokuthola isibhaxu eNingizimu Afrika.

