EzakamuvaIbhola

ISundowns ingase ishiywe yingwazi yomdlali

SIHLE NGUBO

IMamelodi Sundowns ingase ishiywe umdlali oseyisize ukunqoba izicoco eziningi phambilini, uPeter Shalulile.

Lo mdlali uwukudla kwebhentshi selokhu kufike umqeqeshi uMiguel Cardoso nyakenye.

UShalulile, odabuka eNamibia, ungomunye wabadlali okukhalwe ngokungadlaliswa kwabo ngesikhathi iSundowns ishaywa yiPyramids SC yase-Egypt kowamanqamu weCAF Champions League.

Omunye obekukhalwa ngaye uThemba Zwane kodwa yena udlalile kwiClub World Cup esiphumile kuyona iSundowns.

Umthombo othembekile weMpempe uthe uShalulile alicacile ikusasa lakhe kwiSundowns njengoba kuqala isizini entsha.

“Akhona amahlebezi okuthi angase ahambe kodwa ngisazoyithola kahle into eqondile,” kusho umthombo.

Kuvela ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-31 angase alibangise eSaudi Arabia lapho imali ikhiwa khona ngamafosholo.

Yize Impempe ingenaso isiqiniseko ngenkontileka kaShalulile kodwa sengathi iyaphela ekupheleni kukaJuni.

ISundowns ibambane neFluminense yaseBrazil ngo 0-0 emdlalweni kaGroup F, nokuqinisekise ukuthi iyaphuma kwiClub World Cup ese-USA.

Omunye umdlali weSundowns okuvela ukuthi uzoyishiya uThapelo Maseko ongahambanga neqembu ukuya kwiClub World Cup.

Lo mdlali uke wafaka isithombe seKaizer Chiefs iziqeqesha eNaturena nokushiye imibuzo ukuthi ngabe yena ubefanani lapho