EzakamuvaIbhola

IPirates izoshiywa isibabuli somdlali olibhekise eSaudi Arabia

SIHLE NGUBO

Kuphenduleka imibuzo yabalandeli be-Orlando Pirates ukuthi kungani engabonakali umdlali wayo uMohau Nkota, njengoba iqembu liseSpain lilungiselela isizini entsha.

IPirates seyidlale imidlalo emibili yobungani selokhu ifike eSpain ngeledlule kodwa abalandeli beZimnyama bebelokhu bebuza ukuthi kungani engadlali uNkota kule midlalo.

Leli qembu elingompetha beMTN8 liqale ladlala neBolton Wanderers yase-England lapho lishaywe khona ngo 2-0 ngoLwesihlanu.

Emdlalweni wesibili ngeSonto iBucs ibambane nePafos ngo 1-1, kanti nalapho unengabonwa uNkota.

Ezakamuva zithi lo mdlali uyayishiya iPirates ulibhekise eSaudi Arabia lapho eyodlala khona kwi-Al Attifaq, aseqede konke nayo.

UNkota ube nesizini enhle edlule futhi lokho kubonwe nawumqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ongasamshiyi esikwatini seqembu lakuleli lesizwe.

Ukuhamba kukaNkota kuzozwela kwiBucs kodwa bazothemba ukuthi abadlali abasha bazokwazi ukusheshe bajwayele ukuze singabonakali isikhala sakhe.

Lapha sibala uYanela Mbuthuma, ovela kwiRichards Bay FC, u-Oswin Appolis, obekwiPolokwane City, uTshepang Moremi, osuka kuMaZulu FC noSipho Mbule ovela kwiMamelodi Sundowns, abasayine kwiBucs.

IPirates isazodlala imidlalo emibili yobungani eSpain, ngoLwesine nangoMgqibelo, ngaphambi kokubuyela eNingizimu Afrika.

EZimnyama zikuqinisekile ukuhamba kukaNkota, zamfisela okuhle kodwa.

“Sithanda ukubonga uMohau Nkota ngakho konke akwenzele iqembu,” kusho isitatimende sePirates.

“Simfisela konke okuhle esahlukweni esisha emsebenzini wakhe.”

Ibhola laseNingizimu Afrika likhombisa ukukhula njengoba amaqembu aphesheya elokhu elanda abadlali bakuleli.

Emasontweni edlule uYusuf Maart, obengukaputeni weKaizer Chiefs, usayine eqenjini lase-Austria nokuchaza ukuthi uzobe engekho kuMakhosi ngesizini ezayo.

Omunye umdlali wakuleli osayine phesheya ngu-Ime Okon obedlalela iSuperSport United esidayisiwe, osezoyibamba eGermany.