EzakamuvaIbhola

Angase afike kwiChiefs nomklomelo umdlali okunombango ngaye

SIHLE NGUBO

Umdlali osanda kusayina kwiKaizer Chiefs kodwa iCape Town Spurs egoloza naye, angase afike eNaturena ephethe umklomelo, aqale isizini ezayo ngegiya eliphezulu.

ULuke Baartman no-Asanele Velebayi kuvele ukuthi sebesayinile kwiChiefs emasontweni edlule, kulandela ukudliwa yizembe kweSpurs kwiMotsepe Foundation Championship.

Nokho leli qembu laseKapa lishaye phansi ngonyawo lathi laba badlali kumele babuye bazoziqeqesha nalo ngoba banezinkontileka.

Umthetho uthi uma iqembu lidliwa yizembe liyositha kwi-ABC Motsepe League, izinkontileka zabadlali zithathwa njengento engekho ngoba le ligi eyama-amesha.

Abaphathi beSpurs abayingeni leyo futhi sebenqume ukudlulisela udaba enkantolo ngalaba badlali.

Ayiyodwa iChiefs kulokhu ngoba kukhona uLiam Bern okuvela ukuthi usesayine kuMaZulu FC, naye abagolozayo ukumdedela kwiSpurs.

Imibiko yakamuva ithi nobathathu laba badlali abazange balubhade kwiSpurs njengoba kulungiselelwa isizini entsha.

Yize leli qembu lidliwe yizembe kodwa uBaartman ube nesizini enhle kakhulu, nokwenze ukuthi ahehe iso labahlwayi bekhono beChiefs.

Lo mdlali uzobanga umklomelo iMotsepe Foundation Championship Young player of the Season, noSiphamandla Mhlongo weMilford FC, noThabiso Lekhatla weCasric Stars.

Iqembu likaLekhatla belidlala emidlalweni yokuhlunga lapho belibhekene neCape Town City ne-Orbit College, esizodlala kwiBetway Premiership.

Mhlawumbe lokho uLekhatla kwenze wagqama kakhulu kunoBaartman kodwa lo mdlali weSpurs ubevele ebatshazwa isizini yonke.

Abadle umhlanganiso emcimbini wePremier Soccer League (PSL) wokuklomelisa abadlali abenze kahle, bazomenyezelwa ngoJulayi 29 ngo-7 ebusuku.

IChiefs iseNetherlands lapho iqedela khona amalungiselelo esizini entsha.

NgoLwesibili ibingcweka nePEC Zwolle lapho Amakhosi enqobe khona ngo 1-0.

NgoJulayi 26 iChiefs izobhekana ne-Asante Kotoko yaseGhana emdlalweni weToyota Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.