EzakamuvaIBetway Premiership

I-Women’s Day izogujwa ngokuqala koshikishi lwemidlalo yeBetway Premiership

SIHLE NGUBO

Ushikishi lwemidlalo yeBetway Premiership ka-2025/2026 luzoqala ngosuku olukhulu lokubungaza inzalabantu (iWomen’s Day) eNingizimu Afrika.

I-Premier Soccer League (PSL) ayikalukhiphi lonke uhla lwemidlalo yePremieship kodwa seyivelile eyokuqala okuzovulwa ngayo.

Ngo-Agasti 9, okuyobe kuyiholide kububangazwa abesifazane eMzansi, izokhala indweba esusa umdlalo wokuqala weligi.

Ompetha beligi iMamelodi Sundowns bazovakashela iChippa United eBuffalo City Stadium, ngo-3 ntambama.

ISundowns iyona evikela isicoco esithathe okwesishiyagalombili kulandelana, ngesizini edlule.

Leli qembu elicijwa umqeqeshi uMiguel Cardoso, beliyibambe kwiFifa Club World Cup ese-USA emasontweni edlule.

Ngaphandle kokunqoba iPremiership, iSundowns idlale kowamanqamu weCAF Champions League, lapho ishaywe khona yiPyramids SC yase-Egypt.

IChilli Boys yona iqede endaweni ka-11 ngesizini edlule, yahluleka ukuzibekisela indawo kwiTop 8.

I-Orlando Pirates, eqede endaweni yesibili kwilogi yePremieship, izokwamukela iSekhukhune United e-Orlando Stadium, ngo-5.30 ntambama, ngosuku olufunayo (Agasti 9).

Ngaphandle kokunqoba iMTN8 iBucs idlale kowamanqamu weNedbank Cup, lapho ishaywe khona yiKaizer Chiefs ngo 2-1, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

IPirates iphinde yahamba ibanga elide kwiChampions League njengoba iphume kweyandulela owamanqamu, lapho ishaywe yiPyramids SC egcine ingompetha balo mqhudelwano.

IBabina Noko ayibanga nesizini embi njengoba iqede endaweni yesine kwilogi yePremieship, nokuqinisekise ukuthi izodlala kwiMTN8.

IKaizer Chiefs izoqala imidlalo yeligi ngokuvakashela iStellenbosch FC e-Athlone Stadium, eKapa, ngeSonto (Agasti 10) ngo-5.30 ntambama.

Amakhosi anqobe iNedbank Cup ngesizini edlule kodwa akuhambanga kahle emidlalweni yeligi njengoba eqede endaweni yesishiyagalolunye, aphuthelwa ukudlala kwiMTN8.

IStellies ibe nesizini enhle njengoba iqede endaweni yesithathu kwilogi yePremieship, kanti kwiCAF Confederation Cup iphume kweyandulela owamanqamu.

AmaZulu FC iwona azothola ithuba lokuqala lokuvivinya omakoti beligi i-Orbit College, abazobhekana nayo eMoses Mabhida Stadium, ngo-Agasti 9 ngo-3 ntambama.

Usuthu luqede endaweni yesithathu kwilogi yePremieship, lwazibekisela indawo kwiMTN8.

I-Orbit College inyukele kwiPremiership ngemuva kokunqoba imidlalo yokuhlunga lapho ibibhekene neCape Town City kanjalo neCasric Stars.

IDurban City, ebe ngompetha beMotsepe Foundation Championship, izobhekana neTS Galaxy eMbombela Stadium, ngo-Agasti 10 ngo-3 ntambama.

IRockets iqede kwiTop 8 okokuqala emlandweni, kanti izoyibamba kwiMTN8.

Imidlalo yeMTN8 iyona ezoqala ngempelasonto ka-Agasti 2 kuya ku-3.

Isiyonke imidlalo yokuvula yeBetway Premiership imi kanje:

NgoMgqibelo (Agasti 9): Chippa United v Mamelodi Sundowns (Buffalo City Stadium, 3pm); AmaZulu FC v Orbit College (Moses Mabhida Stadium, 3pm); Polokwane City v Magesi FC (Old Peter Mokaba Stadium, 3pm); Richards Bay FC v Marumo Gallants (Mhlathuze Sports Ground, 3pm); Orlando Pirates v Sekhukhune United (Orlando Stadium, 5.30pm); Siwelele FC v Lamontville Golden Arrows (Lucas Moripe Stadium, 8pm)

NgeSonto (Agasti 10): TS Galaxy v Durban City (Mbombela Stadium, 3pm); Stellenbosch FC v Kaizer Chiefs (5.30pm).