EzakamuvaIBetway Premiership

IChiefs seyiphinde yehlukana ‘ngokuthula noxolo’ nomunye umdlali

SIHLE NGUBO

IKaizer Chiefs seyiphinde yehlukana nomunye umdlali ngaphambi kokuqala kwesizini entsha ka-2026/2027, yeBetway Premiership.

Emasontweni edlule leli qembu laseNaturena limemezele ukuthi selihlukene noHappy Mashiane noGeorge Matlou.

Bobabili laba badlali bebebolakiswe kwiSiwelele FC, nalapho bengalitholanga ithuba elikahle lokudlala.

IChiefs seyimemezele ukuthi seyihlukene noTashreeq Morris, ongazange alithole ithuba lokudlala ngesizini edlule.

UMorris udlale umdlalo owodwa, lapho iChiefs ibibhekene neSekhukhune United, okungumdlalo ashaye kuwona igoli benqoba ngo 2-0 ngoMeyi nonyaka.

Ngaphandle kwalokho abalandeli beChiefs bese beze bakhohlwa ukuthi lo mdlali ukhona eNaturena.

“Ngemuva kwezingxoxo ezakhayo phakathi kweqembu nomdlali, iKaizer Chiefs noTashreeq Morris sebevumelene ngokuyinqamula inkontileka yakhe,” kusho isitatimende seChiefs esifushane.

“Lesi sinqumo sinika uMorris ithuba lokuyoqhubeka nesahluko esisha, ajoyine iqembu alithandayo.

“Simfisela inhlanhla kukho konke azozama ukukwenza.”

Imibiko yakamuva iveza ukuthi uMorris uzojoyina iDurban City, ecijwa uYoussef Ben Khalil obeqeqesha iChiefs ngokubambisana noCedric Kaze ngesizini edlule.

KwiChiefs sekufike umqeqeshi omusha uFernando da Cruz, waseFrance, otheleke eNingizimu Afrika ngoLwesine.

Kubhekiwe ukuthi lo mqeqeshi uzofika naziphi izinguquko eNaturena, nokuthi yibaphi abanye abadlali abangase bashiye iqembu.

IChiefs isasayinise uThabo Moloisane kuphela, osuka kwiStellenbosch FC. Iphinde yavuselela inkontileka kaBruce Bvuma, ongunozinti, ngonyaka owodwa.

Emasontweni ezayo kubhekiwe ukuthi yibaphi abanye abadlali abangase bamenyezelwe yileli qembu laseNaturena, elizoyibamba kwiCAF Confederation Cup ngesizini ezayo.