Kugqame uKwena Maphaka kumaProteas ashaywe yi-Australia
SIHLE NGUBO
I-Australia ishaye iNingizimu Afrika ngàma-run angu-17 yahamba phambili ngo 1-0 ochungechungeni lwemidlalo emithathu yeT20, ngeSonto.
AmaProteas abeholwa u-Aiden Markram njengokaputeni kulo mdlalo wokuqala ebhekene ne-Australia selokhu eyishaye kowamanqamu weWorld Test Cricket ngoJuni nonyaka.
INingizimu Afrika iyona ewine ithosi yakhe ukushwiba kuqala kulo mdlalo.
Kuma-over amane okuqala amaProteas athole amawikhethi amathathu kodwa i-Australia ibilokhu iqhubeke njalo ngokushaya ibhola.
Kudlale kahle uTim David ohlanganise ama-run angu-83 emabholeni angu-52.
Ngasohlangothini lweNingizimu Afrika kushwibe kahle uKwena Maphaka othathe amawikhethi amane, wangenelwa amabhola angu-20.
INingizimu Afrika iyikhiphe yonke i-Australia isina-178 ebholeni lokugcina ngci kwi-over ka-20, kanti beyiqala ukwenza lokho emlandweni.
Iphendula iNingizimu Afrika isheshe yalahlekelwa amawikhethi amathathu nokwenze ukuthi kube nzima kakhulu.
Umdlali ozabalazile uRyan Rickelton, ophume esenze ama-run angu-71. Abanye bebelokhu bengena bephuma.
Abashwibi abenze kahle be-Australia uJosh Hazelwood, othathe amawikhethi amathathu, u-Adam Zampa, othathe amabili noBen Dwarshuis, othathe amathathu.
Umdlalo wesibili weT20 phakathi kwala mazwe uzokuba ngoLwesibili, nalapho iNingizimu Afrika kulindeleke ibuyise izinduku.

