Ubonga uyise obemhambisa emidlalweni ‘noma engenaphethiloli’
Sbongs Gumbi
Umdlali osemncane weSuperSport United uqokwe njengovelele edlala kokuqala behlula iRichards Bay ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama.
UShandre Cambell, oneminyaka engu-17 udlale kahle kwesokunxele futhi ubeyiphela endlebeni kubadlali basemuva beRichards Bay.
“Ngibonga abazali bami. Bebengeseka, bengihambisa uma siyohlolwa ikhono kwesinye isikhathi bengenawo nophethiloli,” kusho uCambell.
“Bengazi ukuti kumele ngisebenze kanzima ukuze ngithi ngiba na-18 ngibe sengikwazi ukusiza ngandlela thile ekhaya.”
Ubonge nozakwabo asebekhulile athe sebefana noyise kuye ngoba bahlezi bemsiza, bemeluleka nalapho edinga khona ukusizwa.
Umqeqeshi weRichards Bay, uKaitano Tembo yena ukhale ngokuthi umdlalo ubasindile njengoba bekungowokuqala, wathembisa ukuthi bazoba ngcono kwelandelayo.
Isiwombe sokuqala sihambe kahle futhi bekubonakala ukuthi zisathengana, lingekho elifuna ukuxina kakhulu ukuya phambili.
Izinhlelo zikaGavin Hunt ziphazamisekile kancane ngesikhathi uBradley Grobler elimala esiwombeni sokuqala. Kungene u-Etiosa Ighodaro endaweni yakhe.
Kuze kwayiwa ekhefini zisabambene. Ibuye seyuhlasela iphindelela iSuperSport futhi akuthathanga isikhathi eside ukuthi ilithole igoli.
Kube ngu Dzvukamanja oshaye igoli lakhe lokuqala kwiSuperSport afike kuyo ngoJulayi esuka kwi-Orlando Pirates. U-Ighodaro wengeze elesibili sekusele ngaphansi kwemizuzu wngu-20.
Komunye umdlalo odlale ngawo uMgqibelo emini, iGolden Arrows ibambane ngo 1-1 neMoroka Swallows eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.
FUNDA NALA: UKhune uveza ingxoxo ekhethekile abe nayo noKaizer Motaung
I-Arrows ilishaye kuqala igoli kulo mdlalo liqhamuka noSiyanda Mthonti. Kodwa uTshegofatso Mabasa uyibuyisele emdlalweni iSwallows.