EzakamuvaIbhola

Kushone owayengumdlali we-Orlando Pirates kumasizini edlule

SIHLE NGUBO

Owayengumgadli we-Orlando Pirates uTendai Ndoro utholakale eseshonile lapho ebehlala khona eSandton, eGoli, ngoMsombuluko ebusuku.

Lo mdlali waseZimbabwe ubeneminyaka engu-40 kanti uke wayibamba kweZimnyama amasizini amathathu.

Akwaziwa ukuthi yini ngempela ethathe impilo yakhe kodwa kuyavela ukuthi bese kunesikhashana egula.

IPirates izwakalise ukujabha okukhulu ngokudlula emhlabeni kukaNdoro.

“I-Orlando Pirates FC inosizi kakhulu ukuzwa ukuthi owayengumgadli, uTendai Ndoro (2015-2017),” kusho isitatimende sePirates.

“Iqembu lidlulisa ukudabuka okukhulu emndenini, abangani nabo bonke abamthandayo kulesi sikhathi esinzima.”

UNdoro ufike eNingizimu Afrika ngo-2013 ezodlalela iMpumalanga Aces.

Ngo-2015 ube esedlulela kwiBucs lapho ehlale khona kwaze kwaba u-2017.

Ube esedlulela kwi-Ajax Cape Town ngo-2018 ngaphambi kokuya kwiHighlands Park.

Ugcine ukudlala ibhola ngo-2020 lapho ebedlala kwi-Al Ouruba yaseSaudi Arabia.