Umqeqeshi weChiefs ucacisa ngesimo sika-Aden McCarthy
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs ingase ibhekane neMamelodi Sundowns ithanda ukuxega emuva emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.
Lokhu kulandela ukulimala komdlali wayo wasemuva, owenza kahle selokhu kuqale isizini, u-Aden McCarthy.
Leli nxele, eliyindodana kaFabian McCarthy owayedlalela iChiefs, lithinteke ngesikhathi Amakhosi ebhekene neRichards Bay FC, ngoLwesibili olwedlule.
UMcCarthy uphume singakapheli isiwombe sokuqala kwangena endaweni yakhe uZitha Kwinika.
Ngesikhathi ephuma ubebambe ngemuva ethangeni nokusolakala ukuthi udonseke umsipha.
Lo mdlali ushaye into ecokeme emidlalweni emibili yokuvula yeBetway Premiership, lapho iChiefs inqobe kwiStellenbosch FC nePolokwane City ngokulandelana.
Kuyona yomibili le midlalo uqokwe njengomdlali ovelele nokuyinto ebimfanele.
Iphini lomqeqeshi kwiChiefs, uCedric Kaze, lize nezindaba ezingathembisi ngesikhathi likhuluma nezintatheli eNaturena ngoMsombuluko.
“U-Aden McCarthy akakaze aziqeqeshe kusukela ngomdlalo wangesonto eledlule,” kusho lo mqeqeshi.
“UNkanyiso Shinga usasebenza nomqeqeshi ohlola isimo somdlali, u-Etiosa Ighodaro uqalile ukuziqeqesha ezinsukwini ezimbili ezedlule.”
Kusobala ukuthi iChiefs izophoqeleka ukudlalisa uKwinika uma isibhekene nompetha beligi ngoLwesithathu ebusuku.
URushwin Dortley noGiven Msimango nabo basazama ukululama ngokuphelele ngemuva kokulimala ngesizini edlule.
U-Ighodaro usanda kufika kwiChiefs evela kwiSundowns ebimbolekise kuMaZulu FC ngesizini edlule.
Lo mdlali waseNigeria bese kuphele isikhathi eside esemabhukwini eSundowns kodwa ubelokhu ebolekiswa emaqenjini ehlukene.
Emaqenjini ePSL ehlukene asewadlalele useshaye amagoli angu-25 emidlalweni engu-97.
Kungenzeka alithole ithuba lokubhekana neqembu lakhe lakudala ngoLwesithathu njengoba kuvela ukuthi useyaziqeqesha neqembu.
ISundowns isazikhotha amanxeba ngemuva kokukhishwa yi-Orlando Pirates kwiMTN8 ngempelasonto.
Umqeqeshi waleli qembu, uMiguel Cardoso, unengcindezi enkulu ngemuva kokuwashiswa ijezi kulo mqhudelwano.
IChiefs isayinqobe yomithathu imidlalo yeligi take sizini, kanti iSundowns seyinqobe emibili yadlala ngokulingana owodwa.

