EzakamuvaIBetway Premiership

OwePirates ufuna bashaye amagoli kangcono emidlalweni yePremieship

SIHLE NGUBO

Umdlali waseswini we-Orlando Pirates, uPatrick Maswanganyi, uthi kumele baqhubeke balwe yize bengashayi amagoli ngendlela abafuna ngayo.

Usho lokhu ngemuva kokuthi iPirates inqobe ngo 1-0 ibhekene ne-Orbit College, emdlalweni weBetway Premiership, e-Orlando Stadium, ngoLwesibili ebusuku.

IPirates idlala kahle kodwa kubukeka kungakavumi ukuthi ishaye amagoli amaningi, njengoba beyenza ngesizini edlule.

“Namuhla senze kahle njengeqembu, sithole igoli elilodwa yize besifuna amaningi,” kusho uMaswangayi oqokwe njengomdlali ovelele kwiSuperSport TV.

“Bekumele ngidlale namuhla. Kumele sikhule noma sibona ukuthi umqeqeshi wenze esikubona kuyiphutha silwe.”

Kulo mdlalo bekulindeleke ukuthi iPirates izozihambela kalula nje ibhekene neqembu elisha kwiPremiership kodwa i-Orbit College yangakuvuma lokho.

Ziye ekhefini kungu 0-0 iPirates isakwaze ukushaya ibhola iliqondise emapalini kanye kuphela.

Lokhu kuphoqe ukuthi iBucs yenze ushintsho ifake uSipho Mbule, uNkosikhona Ndaba noThalente Mbatha.

Kuphume uDeon Hotto, u-Oswin Appollis no-Abdoulaye Mariko.

Igoli lize laqhamuka ngomzuzu ka-56 kanti lize noLebone Seema, olidonse engaphandle kwebhokisi.

Ngemuva kwalokho ivele yavuka indlobane iBucs usho ukubaminya omakoti beBetway Premiership.

Nokho i-Orbit College yenze olwayo ushintsho okwenze yabuyela emdlalweni.

Icisho yalithola igoli i-Orbit College ngemuva kokuthi uSeema enze iphutha emuva, kodwa yasinda iBucs.

EZimnyama bese zinqoba umdlalo wesibili kwemine nokwenza zibe namaphuzu ayisithupha, endaweni yesikhombisa kwilogi yePremieship.

Komunye umdlalo wePremiership iRichards Bay FC ithole iwini yayo yokuqala ishaya iChippa United ngo 1-0 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

IStellenbosch FC nayo inqobe okokuqala ishaya iMarumo Gallants ngo 1-0 eKapa.

I-TS Galaxy iqhubekile nokunqoba ishaya iSiwelele FC ngo 2-0, kwathi iPolokwane City neDurban City babambana ngo 0-0.