U-Aden noKhanyisa bazodlala ndawonye kwiChiefs njengoyise
SIHLE NGUBO
Abadlali ababili beKaizer Chiefs bazithola bedlalela leli qembu laseNaturena elalidlalelwa oyise phambilini, nokuyinto okungenzeka ukuthi beyingakaze icatshangwe imindeni yabo.
U-Aden McCarthy uvele usezifakile ezinhliziyweni zabalandeli baMakhosi njengoba edlala elihle ibhola emuva selokhu kuqale isizini.
Lo mdlali, oyibamba ngenxele, uyindodana kaFabian McCarthy naye owayedlalela iChiefs eminyakeni edlule.
U-Aden uqokwe njengomdlali ovelele emidlalweni emibili yokuvula isizini yeChiefs, ngaphambi kokuthi athinteke bebhekene neRichards Bay FC emdlalweni wesithathu.
Abalandeli beChiefs bakhalile ngokuthi lo mdlali ubengeke abe khona ngesikhathi iqembu libhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni weBetway Premiership ophele ngo 0-0.
Nokho uZitha Kwinika ungene endaweni yakhe wadlala kahle, nosekuzophathisa umqeqeshi uNasreddine Nabi nekhanda uma sekululeme u-Aden kanjalo noRushwin Dortley.
UFabian udlalele amaqembu amaningi kwiPremier Soccer League (PSL), okubalwa kuwona iSundowns, iBloemfontein Celtic, iMaritzburg United neMpumalanga Black Aces.
Nokho yikwiChiefs lapho efike wazinza khona, waphinde wagqama, phakathi kuka-2003 no-2008.
Le ngwazi iphinde yadlala naseqenjini lesizwe iBafana Bafana amahlandla ayishumi.
U-Aden, oneminyaka engu-21, uhamba ezinyathelweni zikayise ncamashi njengoba naye ayeyibamba ngenxele emuva.
Lo mdlali ubukeka ezohlala isikhathi eside kuMakhosi uma egcina ifomu aqale ngayo bese axolelwe ukulimala.
UKhanyisa Mayo kusanda kumenyezelwa ngoLwesihlanu ukuthi usezodlalela iChiefs.
Lo mgadli, oneminyaka engu-27, ubedlala e-Algeria kwiCR Beluizdad, ekhethe ukungambhalisi njengomdlali wayo kule sizini.
Ukufika kukaKhanyisa kwiChiefs kuyinto ezomthokozisa uyise uPatrick Mzolisi Mayo, owayedlala kuMakhosi ngezikhathi zakhe.
UPatrick udlalele amaqembu afana neBush Bucks, iSuperSport United, iBay United neThanda Royal Zulu.
Nokho abaningi bazomkhumbula kwiChiefs lapho efike khona engumgadli kodwa wagcina esedlala emuva, phakathi kuka-2003 no-2007.
Okuhlalukayo ukuthi uFabian noPatrick badlalile ndawonye kwiChiefs amasizini amaningi.
Manje sekuyisikhathi samadodana abo sokuthi adlale ndawonye, omunye avale emuva (u-Aden), bese kuthi omunye ahlohle amagoli (uKhanyisa).
UKhanyisa no-Aden banengcindezi yokwenza kahle kwiChiefs njengoba oyise bashiya umsizilo ongasoze ulibaleke besadlalela leli qembu elihlonishwayo ebholeni laseNingizimu Afrika.
Kubukeka sengathi ukudlala kwiChiefs kuyifa elishiywe uMcCarthy noMayo ukuthi amadodana abo aqhubeke ngokuzitika ngalo.

