IBafana Bafana

UHugo Broos uphoqeleke ukubiza umdlali weChiefs kwiBafana Bafana

SIHLE NGUBO

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, uphoqelekile ukuthi abize umdlali weKaizer Chiefs eqenjini lakhe eliyibambe emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

Umdlali wasemuva weChiefs, uThabiso Monyane, usebizwe kwiBafana Bafana ukuthi azovala isikhala somdlali olimele uNyiko Mobbie.

Lo mdlali ushayeke kabi ekhanda ngesikhathi iBafana Bafana ibhekene neLesotho emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba, eToyota Stadium, eBloemfontein ngoLwesihlanu.

UBroos, uqinisekise ukuthi uMobbie ngeke akwazi ukudlala umdlalo olandelayo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

INingizimu Afrika izobhekana neNigeria enkundleni efanayo, ngoLwesibili ngo-6 ntambama.

Ukunqoba kulo mdlalo kuzosho ukuthi iBafana Bafana seyizibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba, yize izobe isasalelwe ukudlala imidlalo emibili yokuhlunga.

Ngenyanga ezayo iBafana Bafana izobhekana neZimbabwe, bese ivale imidlalo yokuhlunga ngokudlala neRwanda.

UMonyane, ofike kwiChiefs evela kwi-Orlando Pirates, uyiqale kahle isizini kwesokudla emuva.

Le ndawo beyidlalwa uReeve Froster ngesizini edlule kodwa uMonyane usefike wayenza eyakhe.

Baningi abebekholwa ukuthi uMonyane bekumele abe seqenjini lesizwe ngoba udlala kahle njengamanje.

Umdlali ovamise ukudlala le ndawo uKhuliso Mudau kodwa ubengakadlali kwiMamelodi Sundowns kule sizini.

Ukubizwa kukaMonyane kwiBafana kwenza babe babili abadlali beChiefs eqenjini lesizwe njengoba kukhona noMduduzi Shabalala.

Ngesikhathi iBafana ibhekene neLesotho ngoLwesihlanu, bekudlala uMobbie emuva kwesokudla.

Uthe uma ephuma ngenxa yokulimala, kwangena uZuko Mdunyelwa ofike wadlala kahle kakhulu.

Omunye umdlali weBafana ophume eselimele ngoLwesihlanu uThabo Moloisane weStellenbosch FC.

IBafana inqobe lo mdlalo ngo 3-0 wamagoli kaMohau Nkota, uLyle Foster no-Oswin Appollis.