ISundowns inethuba lokukhwela phezu kweSekhukhune neChiefs
SIHLE NGUBO
IMamelodi Sundowns akuyikhathazi ukuthi izophinde idlale neMagesi FC kungakapheli nesikhathi esingakanani idlale naleli qembu emdlalweni weBetway Premiership.
Lokhu kushiwo umgadli weqembu uLebo Mothiba ngaphambi kokuthi ompetha beligi babhekane nompetha beBlack Label Carling Knockout Cup komunye umdlalo weligi.
Abafana Ba’Style bazokwamukela iMagesi emdlalweni weBetway Premiership, eLucas Moripe Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.
Lo mdlalo usondeziwe ngenxa yokuthi iSundowns izoyibamba kwiCAF Champions League, okwenza kuphazamiseke imidlalo yayo yeligi.
La maqembu adlalile emasontweni edlule (ngo-Agasti 20) lapho kunqobe khona iSundowns ngo 2-0 eSeshego Stadium.
Ngesikhathi sekhefu zazibambene ngo 0-0 igoli laze langena ngomzuzu ka-73 lishaywa uJaden Adams. Elesibili lishaywe uPeter Shalulile ngomzuzu ka-87.
UMothiba uthe akayiboni inkinga ukuthi bazophinde badlale neMagesi okungelula ukubhekana nayo.
“Akuyona into eyinkinga ngokomqondo. Sonke singabadlali bebhola elikhokhelayo,” kusho uMothiba obedlala kwiTroyes yaseFrance.
“Empeleni yinto enhle ukuthi sidlala nabo manje ngoba sibonile ukuthi badlala kanjani.
“Ngicabanga ukuthi sikulungele ukubhekana nabo ngoba ejimini besisebenza ngokuzikhandla.
“Siyasazi isitayela sabo sokudlala. Badlala ibhola eliqondile bese bashaye amabhola amade aya phambili. Sikulungele konke lokho.”
Ukunqoba kweSundowns kulo mdlalo kuzoyibeka esicongweni kwilogi yePremieship.
Izokweqa iSekhukhune United neKaizer Chiefs abasendaweni yokuqala neyesibili ngokulandelana.
IBabina Noko naMakhosi bazotholana phezulu emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.
Elinye lala maqembu lizobuyela esicongweni uma linqoba kulo mdlalo.

