EzakamuvaIkhilikithi

UDe Klerk uvuthise umlilo wamaProteas eshaya i-India kweyoMhlaba

SIHLE NGUBO

UNadine de Klerk ushaye into ecokeme ngesikhathi iNingizimu Afrika ishaya i-India ngamawikhethi amathathu emdlalweni weNdebe yoMhlaba yekhilithiki yabesifazane, eDr Y.S. Rajasakhara Reddy Cricket Stadium, ngoLwesine.

Bese kubanjwe umoya kuwona womabili amaqembu kodwa uDe Klerk waqina, wawathwala kwaze kwaba sekugcineni amaProteas.

INingizimu Afrika iyona ewine ithosi yakhetha ukushwiba kulo mdlalo oqale sekudlule isikhathi ngenxa yemvula.

I-India iqale kahle kakhulu ihlanganisa ama-run angu-55 kuphumanga noyedwa umdlali, kuma-over okuqala ayishumi.

Nokho ngemuva kwalokho abashwibi bamaProteas babuyele bathatha amawikhethi ngokushesha, yanqindeka i-India ukuqoqa ama-run.

Kuze kwalamula uRicha Ghosh ophume esehlanganise ama-run angu-94 emabholeni angu-77, uSneh Rana (33) noPratika (37).

Ngasohlangothini lweNingizimu kushwibe kahle uChloe Tryon othathe amawikhethi amathathu, uNonkululeko Mlaba, othathe amabili kanjalo noDe Klerk naye othathe amabili.

Iqembu lasekhaya ligcine lihlanganise ama-run angu-251 laphuma lonke kwi-over ka-49.5.

Iphendula iNingizimu Afrika akuhambanga kahle kuphuma uTazmin Brits noSune Luus kuseyi-powerplay.

Ngemuva kwalokho abashwibi base-India, abebekholwa uRana noGaud, bacindezele kakhulu kwaba nzima ukuqoqa ama-run kubadlali beNingizimu Afrika.

Umdlali obekezelile kube ukaputeni uLaura Wolvaardt, ophume esehlanganise ama-run angu-70 emabholeni angu-111.

Usale wayibamba uTryon waze waphuma esehlanganise ama-run angu-49.

UDe Klerk, oshaye ama-run angu-84 engaphumanga, uyena obeseyithemba lamaProteas eseyibambe no-Ayabonga Khaka.

INingizimu Afrika igcine ihlanganise ama-run angu-252 sekuphume abadlali abayisikhombisa.

“Ngiyathanda ukuba nengcindezi… bengazi bekumele ngidlale kahle namuhla,” kusho uDe Klerk oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.

“Nginesiqiniseko sokuthi kuningi okuhle esizokuthatha siye nakho emdlalweni olandelayo.”

AmaProteas azobhekana neBangladesh emdlalweni olandelayo ngoMsombuluko. Ukunqoba kuwanyusele endaweni yesine kwilogi.