INigeria esize iBafana kweyokuhlunga izobhekana nomqansa
SIHLE NGUBO
INingizimu Afrika isinde emlonyeni wengwenya, nasekumosheni enye imali, ngokuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ka-2026, ezodlalelwa e-USA, eMexico naseCanada.
IBafana Bafana ishaye iRwanda ngo 3-0 emdlalweni obalulekile wokugcina wokuhlungela iNdebe yoMhlaba, eMbombela Stadium, ngoLwesibili ebusuku.
Lokhu kuqinisekise ukuthi iqembu lesizwe lakuleli lizoyibamba kwiNdebe yoMhlaba okokuqala ngemuva kweminyaka engu-15.
IBafana Bafana igcine ukudlala kwiNdebe yoMhlaba ngo-2010 lapho yayingosokhaya, njengoba yayidlalelwa eNingizimu Afrika.
Lena kwakuyiNdebe yoMhlaba yokuqala ukudlalelwa e-Afrika, futhi ithathwa njengeyaba yimpumelelo kakhulu emlandweni walo mqhudelwano.
Ukunqoba kweNigeria ngo 4-0 kwiBenin ngoLwesibili, yikona okusize iBafana Bafana ukuthi izibekisele indawo kweyoMhlaba.
Nokho iSuper Eagles isenomqansa omkhulu njengoba izodlala imidlalo yokuhlunga yamaqembu aqede endaweni yesibili enamaphuzu angcono.
Amazwe amane ase-Afrika azodlala le midlalo yokuhlunga yiGabon, iDR Congo, iCameroon neNigeria.
IGabon izobhekana neNigeria kowandulela owamanqamu, kuthi iDR Congo ibhekane neCameroon, emidlalweni ezobanjelwa eMorocco.
Abazonqoba lapho bazodlala owamanqamu bese iqembu elingase lenze amaqembu ase-Afrika abe yishumi, liphinde liyodlala eyokuhlunga eMexico ngoMashi.
Ayisithupha amazwe azodlala kule mdlalo yokuhlunga yeFifa ngoMashi, kanti mabili kuphela azozitholela indawo kwiNdebe yoMhlaba ka-2026.
La mazwe aqhamuka ezinhlanganweni zebhola ezinhlanu ezahlukene emhlabeni, futhi ahlulekile ukuzibekisela indawo kweyoMhlaba ngokunqoba emaqoqweni awo ngokwehlukana.
Aqhamuka kwiConfederation of African Football (CAF), yi-Asian Football Confederation (AFC), yi-Oceania Football Confederation (OFC), yiConfederation of South American Football (CONMEBOL) neConfederation of North, Central America and Caribbean Association Football (CONCACAF).
Lokhu kuchaza ukuthi i-Afrika kungenzeka igcine inamazwe ayishiyagalolunye kwiNdebe yoMhlaba yoMhlaba, uma izwe elizoyimela kweyokuhlunga eMexico ngoMashi, lihluleka ukulwa namazwe amahlanu elizobhekana nawo.
Okuhlalukayo kodwa kuyimanje ukuthi phakathi kweCameroon neNigeria kukhona izwe elingeke lilubhade kwiNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo.

