EzakamuvaIBetway Premiership

Injini yeChiefs ifuna baqhubeke nokugaya amaphuzu kweyeligi

SIHLE NGUBO

Injini yaseswini yeKaizer Chiefs, uSibongiseni “Ox” Mthethwa, ithi kumele bazame ukugcina umgqigqo banqobe imidlalo ilandelana kwiBetway Premiership.

Usho lokhu ngemuva kokuthi iChiefs ishaye iDurban City ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu ebusuku.

Bese kubukeka sengathi umdlalo uzophela ngo 0-0 kodwa uFlavio da Silva, obesuka ebhentshini, walingqofela phakathi ngomzuzu ka-88.

Lo mgadli, obeseshaya igoli lesithathu selokhu efike kwiChiefs, uthole iphasi enhle ebivela kuGaston Sirino naye obesuka ebhentshini.

UMthethwa uqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo, futhi bekumfanele ngoba ubedlala ngokuzikhandla esiswini.

“Yebo sijabulile kodwa bekumele ukube umdlalo engabe kade siwuqedile lo,” kusho uMthethwa kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.

“Kusukela ekuqaleni bekumele sizame ukugcina ibhola kahle kodwa ekugcineni into ebaluleke kunakho konke ukusebenza ngokubambisana njengeqembu.”

Okuhlalukile ukuthi iChiefs ibingafiki kahle emapalini ngesiwombe sokuqala kodwa abadlali abangenile balwenzile ushintsho ngesiwombe sesibili.

“Buka njengamanje uSilva ungenile washaya igoli, omunye wabadlali abasuka ebhentshini,” kuqhuba uMthethwa.

“Ukubambisana kwethu nokudlala njengeqembu nokuba munye, kusiholela ezintweni ezinhle.

“Okubalulekile manje ukuthi sidlulele phambili, sithathe la maphuzu amathathu, siqhubekele emdlalweni olandelayo.

“Ukuwina umdlalo odlule (weCAF) kusinike ukuzethemba okukhulu, ukuthi sikwazi ukuqhubekela phambili.

“Njengamanje okusemqoka ukuthi sibambe umgqigqo siqhubekele phambili.

“La maphuzu amathathu asho lukhulu kithina ngoba siyenyuka kancane kunokuthi sehle.”

Emdlalweni olandelayo iChiefs izobhekana ne-Orbit College eFNB Stadium, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.

Leli qembu laseNaturena likuthola kunzima ukunqoba imidlalo enkundleni yalo, nokuyinto okufanele lizame ukuyishintsha ngoLwesibili.

Komunye umdlalo wePremiership ngoLwesihlanu, iSiwelele FC ishaye iSekhukhune United ngo 1-0.