IDowns iphoxe i-Al Ahly eCairo idlulela kowamanqamu weChamps League
SIHLE NGUBO
IMamelodi Sundowns izibekisele indawo kowamanqamu weCAF Champions League kulandela ukubambana ne-Al Ahly ngo 1-1 kowandulela owamanqamu eCairo International Stadium, ngoLwesihlanu ebusuku.
Abafana Ba’Style bebeye kulo mdlalo zibambene ngo 0-0 nobekuchaza ukuthi ukushaya igoli bekuzobabeka ebuhleni.
Igoli elenze umehluko lishaywe uTaher Mohamed ngomzuzu ka-24. Lokhu kuyicindezile iSundowns njengoba bekumele ishaye igoli lokulinganisa, obekungasho ukudlulela kowamanqamu.
Ngesiwombe sesibili bese kuyiSundowwns ebihlasela kakhulu ifuna igoli lokulinganisa.
Iqembu laseNingizimu Afrika belizitshela ukuthi lithole iphenathi ngomzuzu ka-68, ngemuva kokudlaliswa kabi kukaLucas Ribeiro.
Nokho ngemuva kokubheka iVAR unompempe uthe akuyona iphenathi, awuqhubeke umdlalo.
ISundowns igcine ilitholile igoli elibalulekile ngomzuzu ka-90, kanti kube umkhonto ogwaze ekhaya. Nokho igoli linikwe u-Iqraam Rayners.
Emizuzwini yokugcina eyisikhombisa (eyengezwe unompempe) bese kuyi-Al Ahly ebihlasela izama igoli lokuwina ngoba beyazi ukuthi uma umdlalo uphela ngo 1-1 sekuphelile ngayo.
Ukufinyelela kowamanqamu kweDowns kuvuselele ithemba lomdlalo wamanqamu ne-Orlando Pirates esishicilele isazodlala nePyramids yase-Egypt.
Bekungokokuqala iSundowns ifinyelela kowamanqamu weChampions League selokhu yanqoba le ndebe ngo-2016.

