EzakamuvaiCarling Knockout Cup

OwePirates ubona ungamfanele umklomelo ka-R100 000 weCarling Knockout

SIHLE NGUBO

Umdlali we-Orlando Pirates, u-Oswin Appollis, ubona kumngamfanele ukuthola u-R100 000, okuwumklomelo onikwa umdlali ovelele emidlalweni yeCarling Knockout.

Lo mdlali weBafana Bafana usho lokhu ngemuva kokuthi iqembu lakhe lishaye iMarumo Gallants ngo 1-0 esikhathini esengeziwe kowamanqamu weCarling Knockout, eNew Peter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo.

Igoli enqobe ngalo iBucs lishaywe uRelebohile Mofokeng, ngesikhathi sekubukeka sengathi kuzogcina kuyiwe kumaphenathi kulo mdlalo.

Kulo mqhudelwano abalandeli yibona abavotela umdlali abasuke bembona enze kahle emdlalweni, kanti ngoMgqibelo bavotele u-Appollis.

Nokho u-Appollis, obedlala kwiPolokwane City ngesizini edlule, ubona ungamfanele lo mklomelo.

“Uyazi njengabadlali siyakhuluma, sigqugquzelane,” kusho u-Appollis kwabezindaba ngemuva komdlalo.

“Njengoba ngishilo ngikhuluma kwithelevishini, namuhla bekungewona umdlalo wami omuhle.

“Ngicabanga ukuthi omunye (umdlali) ubumfanele lo mklomelo.

“Nokho iBlack Label Man of the Match ivotelwa abalandeli. Ngiyabonga kubalandeli kodwa ngikholwa ukuthi omunye ubumfanele (umklomelo).”

IPirates bese iqukula indebe yesibili kule sizini kulandela ukunqoba iMTN8 ekuqaleni kwesizini.

“Besilokhu sisebenza kanzima ukufeza izinjongo zethu,” kuqhuba u-Appollis.

“Sesikhombisile kwiligi nemidlalo yomkhulajezi, ukuthi silwela ukuphakamisa inkomishi.

“Ngakho njengoba sikhombisile namuhla (ngoMgqibelo), abafana bakhombise ukulwa kakhulu sakwazi ukuthatha indebe yesibili.”

Ngaphandle kokuphuma kwiCAF Champions League, iPirates ikhombisa ukwenza kahle kakhulu emidlalweni yasekhaya.

Ihlezi esicongweni kwilogi yeBetway Premiership nokunika abalandeli bayo ithemba lokwemuka nesicoco seligi ekupheleni kwesizini.

EZimnyama zizobuyela enkundleni ngokubhekana neSekhukhune United emdlalweni wePremiership ngoJanuwari 24, ePeter Mokaba Stadium.

IBabina Noko ingelinye lamaqembu asembangweni wesicoco seligi njengoba isendaweni yesithathu kwilogi yePremiership.