‘Ikopela’ isu lePirates iSekhukhune ngokusayina inqwaba
Njabulo Shezi
ISekhukhune United izithole seyihlekwa usulu “ngokusayinisa noma yini ehambayo”, kodwa umqeqeshi wayo uBrandon Truter, useveze isizathu zalokhu.
Uthi inhloso yabo yokusayinisa abadlali abaningi yingoba basike iphethini kwi-Orlando Pirates ethenga abadlali abasebancane bese ibolekisa ngabo ukuze bayoqiniswa ukhakhayi, babuye sebevuthiwe.
ISekhukhune isayinise abadlali abayisishiyagalolunye njengoba kulungiselelwa isizini entsha nje.
Ngesizini edlule, iBabina Noko isayinise abadlali abangaphezu kuka-14. Indlela ethenga ngayo abadlali iSekhukhune ishiye abaningi bemangele.
Kubadlali abasha abasayiniswe yiSekhukhune kubalwa uTiklas Thutlwa osuka kwiBlack Leopards, Kgothatso Mariba osuka kwiVenda Football Academy noThabang Mnyembane obekwiDondol Stars.
“Sisayinise inqwaba yabadlali abasebancane … nabadlali abavela ezigabeni eziphansi. Uma ubheka isibonelo samanye amaqembu, ikakhulukazi iPirates, yasayina (uMonnapule) Saleng (esuka kwiFree State Stars ngoJulayi 2021] yabe seyimmbolekisa (kwiSwallows).
“Okwenzeke ngemuva kwalokho sekuwumlando,” kusho uTruter ngesikhathi kwethulwa isizini yeDStv Premiership eMultiChoice City eRandburg ngoLwesithathu.
“Sisemqondweni ofanayo ngoba nathi sifuna ukwenza lokho… Laba badlali sibasayinisa ngokubuka ikusasa.
“Kodwa abanye babo sebengenze ngacabanga kabili ngokubafaka esikwatini sami sale sizini ngoba sesihanjelwe yinqwaba yabadlali.”
UPhilani Zulu, uSeth Parusnath, uRodrick Kabwe, uMzwanele Mahashe noTshepo Mokhabi, nabanye, bangabanye babadlali iBabina Noko ebachithile.
“Awufuni ukuba nesikwati esikhulu, esinabadlali abaningi abangajabule. Abadlali abajabule bazokudlalela into ebonakalayo.
“Njengamanje sineqembu labadlali abangu-28 futhi kusadingeka siqinise indawo eyodwa noma ezimbili.”
ISekhukhune izomela iNingizimu Afrika kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo kanti ibhekiwe nakwiligi yakuleli ukuthi ibe ngelinye lamaqembu aphezulu.
FUNDA NALA: UDesree Ellis uzakhela isigcwagcwa ngokuziba uDlamini kwiBanyana
Izoqala umkhankaso weligi neMamelodi Sundowns ngoLwesihlanu luka-Agasti 4, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, eLimpopo.