IChiefs neDowns bazohlanganyela iBucs entekenteke kwiCarling
SIHLE NGUBO
Limenyezelwe iqembu, iCarling Black Label All Stars, elizobhekana nompetha beCarling Knockout i-Orlando Pirates, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Kuleli qembu bakhishiwe abadlali abane be-Pirates abebevotelwe abalandeli, ngoba ngeke bakwazi ukubhekana neqembu labo ngoMgqibelo.
Labo badlali uTshepo Mhlambi, uJabulani Mokoni, uSihle Nduli, noTshepang Moremi. Ezikhaleni zabo kufakwe ababalandelayo ngamavoti.
Ngaphezu kwalokho, iPirates izodlala ngaphandle kwabadlali abayishiyagalolunye abasekhempini yeBafana Bafana, elungiselela i-Africa Cup of Nations (AFCON) eseMorocco.
Laba badlali uSipho Chaine, uNkosinathi Sibisi, uMbekezeli Mbokazi, u-Oswin Appollis, uThalente Mbatha, uRelebohile Mofokeng, uTshepang Moremi, u-Evidence Makgopa noSipho Mbule.
Kuyazicacela ukuthi iBucs izobe ibophele iningi labadlali abangadlalanga ngesikhathi ibhekene neMarumo Gallants kowamanqamu weCarling Cup ngoMgqibelo.
Ngakolunye uhlangothi i-All Stars ibophele abadlali abangayinika inkinga enkulu iBucs, ngoba badlala kahle emaqenjini abo ngokwehlukana.
Lapha kubalwa unozinti weKaizer Chiefs, uBrandon Petersen, uMfundo Vilakazi, uNaledi Hlongwane noThulani Mabaso, okungabadlali beChiefs.
Kukhona no-Arthur Sales noMarcelo Allende, okungabadlali abenza kahle kwiMamelodi Sundowns, kanjalo noNdabayithethwa Ndlondlo weMarumo Gallants.
Umqeqeshi we-All Stars kuzoba uManqoba Mngqithi weLamontville Golden Arrows, ozobe ehambisana nalowo onqobile ukuthi ahlale ebhentshini njengomqeqeshi kubalandeli bebhola.
Iqembu elisuke linqobe iCarling Knockout alikaze lishaye i-All Stars selokhu kuqale lo mqhudelwano ngale ndlela, kumasizini amabili edlule.
Amaqembu asekhale ngaphansi kwi-All Stars yiStellenbosch FC neMagesi FC. IBucs izozama ukukushintsha lokho ngoMgqibelo.
Selilonke iqembu elizoqala limi kanje:
Brandon Petersen, Vincent Sithole, Thabo Nkabinde, Keabetswe Khonyane, Thulani Mabaso, Makhosonke Langa, Mfundo Vilakazi, Marcello Allende, Phillip Ndlondlo, Naledi Hlongwane, Arthur Sales

