EzakamuvaEzokusubatha

Ithemba ngeMandela Marathon KwaZulu-Natal

By Alfred Ngubane

Ungqongqoshe wezemidlalo obambile KwaZulu Natal, uBongi Sithole-Moloi  ubehambele umjaho iMandela Marathon 42km  eQunu naseMvezo, e-Eastern Caoe.

Bekungumjaho wokuqala kuleya ndawo kulandela kanti bewugijinyelwa khona kulandela umdonsiswano omude okhona KwaZuluNatal. 

Lo mjaho ubusuka noma uphelele eHowick endaweni lapho kwaboshelwa khona uNelson Mandela ngeminyaka yobandlululo. 

Umzukulu kaNelson Mandela, uMandla Mandela wakhala ngosopolitiki abazinothisa bona ngalo mjaho, bese bekhohlwa abasubathi  neMandela Foundation.

Lo mjaho uzophinda uqhubeke nakwezinye izifundazwe  zakuleli. Njemanje KwaZulu-Natal kusemnyama ngalo mjaho njengoba bengekho abafake isicelo  sokuwusingatha. 

Ngonyaka odlule iKwaZulu Natal Athletics  ike yazama ukuwuhlela. Kodwa igcine ngokuthi ishiye phansi njengoba uMgungundlovu District  Municipality washaya phansi ngonyawo  wathi ngeke bakubone lokho.

FUNDA NALA: Inhlanhla ukudlala neDonws ixakekile, kodwa iMaritzburg iyasola

Wabhuntsha kanjalo  ke. Khonamanjalo uMandla Mngomezulu oyiphini likamengameli  kwiKZN Athletics,  uthi  bavule izandla kulabo abafuna ukuhlela lo mjaho.

“Ukuba khona kwawo kubeka isifundazwe emephini yomhlaba  kuphinde kungenise umnotho omningi kulesi sifundazwe,” kusho uMngomezulu.