EzakamuvaIBetway Premiership

IStellies ingase ihlabane ngabeDowns nePirates abanamava

SIHLE NGUBO

IStellenbosch FC ingase ihlome ngabadlali ababili abanamava ngaphambi kokuthi kubuye imidlalo yeBetway Premiership ngesonto elizoqala.

Leli qembu laseKapa liyabadinga abadlali abasha uma kubhekwa ukuthi lidonsa kanzima kwilogi yePremiership, futhi lisanda kudedela umdlali walo obalulekile.

IStellies ihlezi endaweni ka-14 kwilogi ngamaphuzu angu-12 emidlalweni engu-14, nokuyinto engajwayelekile.

Isanda kuhlukana no-Andre de Jong ojoyine i-Orlando Pirates njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngaphadlali.

IStellies isadlala kwiCAF Confederation Cup, ngakho iyadinga ukuzibamba ziqine kulo mqhudelwano osesigabeni samaqoqo.

Izindaba ezimnandi ezokuthi iStellies izothola uMosa Lebusa weMamelodi Sundowns, noTshegofatso Mabasa wePirates, okuvela ukuthi bazobolekiswa kuleli qembu.

ULebusa akalitholi ithuba lokudlala kwiSundowns futhi ukufika kukaKhulumani Ndamane, ovela kwiTS Galaxy, kuzokwenza akhuhle ibhentshi kakhulu.

Kuyisimo esicisho sifane kuMabasa obelizwa ngendaba ijezi selokhu kuqale isizini ka-2025/2026, ngaphansi komqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou.

Ukufika kukaDe Jong kubukeka kuzomenza angabonwa ngisho ebhentshini uMabasa ephelayo inkontileka yakhe neZimnyama ngoJuni.

IStellies isanda kuvuselela inkontileka kaDevin Titus, okuke kwaba namahemuhemu okuthi angase alishiye iqembu njengoba kushintshiswana ngabadlali.

IStellies izobuyela ensimini ngokubhekana neSekhukhune United emdlalweni weBetway Premiership ekuhambeni ngoLwesibili ebusuku.

Lona kuzobe kungumdlalo wokuqala womqeqeshi uGavin Hunt, ongene esikhundleni sikaSteve Barker, osecija iSimba SC yaseTanzania.