EzakamuvaIbhola

UKhuliso Mudau ucacisa ngokumataniswa kwakhe nePirates

SIHLE NGUBO 

Umdlali wasemuva weMamelodi Sundowns, uKhuliso Mudau, uthi akahlangene nakancane nemibiko emkhomba kwi-Orlando Pirates, futhi ayikho into enjalo.

Selokhu kuvele ukuthi uMudau akakayivuseleli inkontileka yakhe naBafana Bastyle, usemataniswe nokuya emaqenjini amaningi, kodwa ezinkundleni zokuxhumana abalandeli ‘bamenza’ agqoke ijezi leBucs.

Inkontileka kaMudau neSundowns iphela ngoJuni nonyaka, kanti kuvela ukuthi lo mdlali weBafana Bafana akayingeni eyokusayina inkontileka entsha.

Akhona namahlebezi okuthi angase aye eSaudi Arabia ngoba kunamaqembu akuleli lizwe abemfuna ngaphambi kokuthi kuqale isizini.

UMudau uke waduba ukuziqeqesha kwiSundowns, kwavela ukuthi ubefuna ukuhamba kodwa leli qembu langazemukela izicelo zamaqembu abemfuna.

Akayidlalanga imidlalo yokuqala yesizini kodwa abaphathi beSundowns bagcine behlale naye phansi, balulungisa udaba lwakhe.

Nokho mancane amathuba okuthi uMudau uzobe egijima kwiSundowns ngesizini ezayo, kodwa uyayiphika eyePirates.

“Ngike ngathola mayelana nalokho. Ngicabanga ukuthi omunye wabangani bami ungithumele into efana naleyo ethi ngiya kwi-Orlando Pirates, okuyinto engingazi lutho ngayo,” kusho uMudau.

“Ngilana ngokuphelele (100%), inhliziyo yami ilapha, ngifuna ukuzuza izinto neqembu.

“Ngifuna ukusiza iqembu, angazi lezi zinkulumo zimayelana nani, nalokhu abakushoyo, kodwa ngilapha ngokuphelele.”

UMudau ubedlala ngesikhathi iSundowns ibambana ngo 2-2 ne-Al Hilal SC yaseSudan, emdlalweni kaGroup C weCAF Champions League, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesihlanu ebusuku.