CAF Champions League

Umqeqeshi weDowns uthi balwela amaphuzu amane kwesele yeChamps League

SIHLE NGUBO 

UMiguel Cardoso, ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uthi bazolwela amaphuzu amane emidlalweni emibili yamaqoqo yeCAF Champions League ebasalele.

ISundowns izithola isendaweni yesithathu kwilogi kaGroup D, kulandela ukunqoba kweMC Alger yase-Algeria ngoLwesihlanu ebusuku.

EzikaRulani Mokwena zishaye i-Al Hilal yaseSudan ngo 2-1, nokwenze ukuthi zigudluze iSundowns endaweni yesibili.

I-MC Alger isinamaphuzu ayisikhombisa kanti Abafana Ba’Style banengcindezi enkulu njengoba benamaphuzu amahlanu, kanti kusele imidlalo emibili kugoqwe eyamaqoqo.

ISundowns kuzomele izame ukuthola okuthile uma seyitholana phezulu neSaint Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo (DRC), eStade TP Mazembe, ngeSonto ngo-3 ntambama.

Kuzoba umqansa kakhulu kwezikaCardoso ngoba leli qembu alishayeki kalula enkundleni yalo.

Emdlalweni wokuqala eLoftus Stadium, iSundowns ishaye iLupopo ngo 3-1, okuyiwona wodwa umdlalo esawunqobile kweyamaqoqo.

UCardoso ukholwa ukuthi ukuqoqa amaphuzu amane emidlalweni emibili esele, kungabaweza ngelibanzi.

“Ingcindezi kithina iqale emdlalweni wokuqala wokuhlunga weCAF Champions League,” kusho lo mqeqeshi wasePortugal.

“Uma imidlalo seyiqhubeka siqalile saqonda ukuthi yiziphi izimo esingahlangabezana nazo ukuya phambili.

“Njengamanje sinesimo sokuthi sisalelwe yimidlalo emibili, kumele sithole amaphuzu amane.

“Yiphuzu elilodwa kusasa (ngeSonto) namathathu emdlalweni wokugcina. Noma amathathu kusasa (ngeSonto) nelilodwa emdlalweni wokugcina.

“Yileso isimo esibhekene naso uma sifuna ukuqhubeka kulo mqhudelwano. Sizinikele kakhulu kulokhu esifuna ukukwenza.

“Umdlalo wokugcina iwona ozonquma konke yingakho kumele sizimisele kakhulu kulo esizowudlala ngeSonto.”

ISundowns, ebe ngompetha beChampions League ngo-2016, yenze izinto zaba nzima kuyona ngokuvumela ukushaywa yi-Al Hilal ngo 2-1 ngeledlule.

Yize uCardoso ekhuluma ngokuthola okungasenani iphuzu elilodwa eDRC, kodwa lingase lingamsizi uma ehluleka ukuthola aphelele emdlalweni wokugcina.

ISundowns izobe ibhekene nomqeqeshi oyazi kahle kulo mdlalo wokugcina, uMokwena, oke walicija leli qembu laseChloorkop.

I-MC Alger nayo izobe ilwela ukuthola amaphuzu amathathu kulo mdlalo, ukuze izibeke ethubeni lokudlulela kuma-quarterfinal.

Kuzobhekwa ukuthi uCardoso uzowasebenzisa yini amava abadlali abafana nokaputeni uThemba Zwane nomgadli uPeter Shalulile kulo mdlalo.

Laba badlalile ngesikhathi iSundowns ishaya iGomora ngo 2-1 emdlalweni weNedbank Cup Last 32, ngoLwesithathu. UShalulile ushaye igoli kulo mdlalo.