UMotaung Junior uthembisa abeChiefs uqweqwe lomqeqeshi
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs izoqasha umqeqeshi osezingeni eliphezulu njengengxenye yayo yohlelo luka-2030, ngokusho kweSporting Director yaMakhosi, uKaizer Motaung Junior.
Usho lokhu ngesikhathi ephekwa ngebhodwe elincane ngemibuzo uRobert Marawa, kwiMarawa Sports Worldwide, ngoLwesihlanu ntambama.
IChiefs akuyihambeli kahle kulezi zinsuku njengoba seyishaywe imidlalo emine ilandelana, nosekwenze abalandeli bayo bezwakalisa ukungenami kakhulu ezinkundleni zokuxhumana.
Iqale yashaywa yiZamalek ngo 2-1, okwenze yaphuma kwiCAF Confederation Cup, emasontweni edlule.
Ngemuva kwalokho ithelwe othulini yiStellenbosch FC ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership, eke yahamba phambili kuwona ngo 1-0.
Isimo sibe sibi kakhulu kunakuqala ishaywa izimbangi i-Orlando Pirates ngo 3-0 emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo odlule.
Phakathi nesonto siphinde sakhala isibhaxu ishaywa yiRichards Bay FC ngo 1-0, komunye umdlalo wePremiership.
Kukho konke lokhu uMotaung ugcizelela ukuthi iqembu lifuna umqeqeshi osezingeni eliphezulu kakhulu, ozobabeka phezulu ebholeni lase-Afrika.
“IChiefs iyiqembu elikhulu. Sifuna abaqeqeshi abasezingeni eliphezulu, abanamava nabahlonishwayo,” kusho uMotaung kwiMarawa Sports Worldwide.
“Yilokho ngqo esikudingayo. Iyona indlela esizibona siyithatha leyo.
“Izwekazi (ibhola leCAF) libaluleke kakhulu kithina. Ngakho ngokohlelo lwethu, kumele nakanjani sidlale ibhola lezwekazi (i-Afrika), sifuna ukuba kulelo zinga.
“Sidinga abadlali bohlobo oluthile, abahlaziyi nabaqeqeshi abazosisa kulelo zinga. Sifuna ukuzimbandakanya nezinto eziphezulu.”
UMotaung ubuziwe umlandeli weChiefs ukuthi bemi kuphi nabaqeqeshi abafana noPitso Mosimane, ozakhele igama kwiMamelodi Sundowns, noBenni McCarthy, oke wacija AmaZulu FC.
Bobabili laba baqeqeshi sebeke bacashunwa bethi ngeke babe nankinga nencane ukuqeqesha leli qembu laseNaturena.
UMotaung akafunanga ukuphawula ngalokhu, wathi: “ngeke kube kuhle ukukhuluma ngoPitso (Mosimane) noBenni (McCarthy) ekubeni kusekhona abaqeqeshi abasebenzayo.”
IChiefs iqeqeshwa uCedric Kaze noYousef Ben Khalil, ababambile kuze kuphele isizini.

