OweChiefs uthembisa ukuthi bazophuma emgodini
SIHLE NGUBO
Kwehle umthwalo kumqeqeshi weKaizer Chiefs, uCedric Kaze, ngemuva kokuthi leli qembu laseNaturena lishaye iDurban City ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngeSonto.
Amakhosi abenengcindezi enkulu ngaphambi kwalo mdlalo njengoba abeseshaywe kathathu kulandelana kweyeligi.
IChiefs iqale yathelwa othulini yiStellenbosch FC ngo 2-1, yase ishaywa yizimbangi i-Orlando Pirates ngo 3-0 kolandelile.
Kuthe kusabhekwe lokho Amakhosi akhala ngaphansi ngo 1-0 eshaywa yiRichards Bay FC.
Konke lokhu kuyicindeze kakhulu iChiefs kodwa ngeSonto ithole amaphuzu amathathu abalulekile.
Igoli eliweze iChiefs libekwe phakathi uGlody Lilepo ngomzuzu ka-69.
UKaze uthe bebewuhlelele kahle lo mdlalo ngoba bebazi ukuthi bekubalulekile ukuthola amaphuzu aphelele.
“Ngicabanga ukuthi ngesiwombe sokuqala besiwuphethe umdlalo kodwa besingenzi okwanele ezikhaleni ukuya phambili,” kusho uKaze kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Besithatha kude kakhulu ukususa ibhola silise ohlangothini ngalunye, obekunika izitha ithuba lokusivala.”
Izinto zithande ukushintsha kwiChiefs ngemuva kokuthi kungene u-Asanele Velebayi ngesiwombe sesibili.
“Besingawashintshi amagiya, ikakhulukazi uma sesingene engxenyeni yezitha,” kuqhuba uKaze.
“Sizamile ukulungisa lokho ngesikhathi sekhefu, yingakho sifake umdlali onjengoVelebayi okwazi ukubhekana nendoda eya phambili, agobe ibhola.”
Lo mqeqeshi uncome abalandeli ngokuhlala beseka iqembu yize izinto zike zangahamba kahle ngenyanga edlule.
“Abalandeli bahlale beleseka iqembu. Kuyenzeka ukuthi izinto zingahambi kahle kodwa sethemba ukuthi sizophuma kulesi simo.”
Ukunqoba kweChiefs kuyinyusele endaweni yesihlanu kwilogi yeBetway Premiership.
Emdlalweni olandelayo leli qembu lizobhekana neMagesi FC eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.

