UBenni ufisa iPirates inqobe isicoco seligi, ‘yenzele iNingizimu Afrika’
SIHLE NGUBO
Owayengumgadli we-Orlando Pirates, uBenni McCarthy, ufisa leli qembu linqobe isicoco seligi kule sizini, liqede ukukhonya kweMamelodi Sundowns.
Kusukela ngesizini ka-2015/2016 kuze kube yisizini ka-2024/2025, iSundowns iyona ezidlela isicoco seligi kalula.
Lokhu ukukhonya kwaBafana BaS’tyle kwenza iPirates neKaizer Chiefs babukeke besele kude kwiDowns ngokwezinga lokudlala ibhola, kula masizini edlule.
UMcCarthy unqobe isicoco seligi nePirates ngesizini ka-2011/2012, nokuyilapho leli qembu lagcina khona ukuphakamisa indebe yeligi.
Le ngwazi, enqobe i-Uefa Champions League neFC Porto, seyicija iqembu lesizwe laseKenya manje.
UMcCarthy, owayengalibheki ipali, uyena umgadli ohamba phambili ngokushaya amagoli eqenjini lesizwe iBafana Bafana, ngamagoli angu-31 emidlalweni engu-80.
“Ngethemba ukuthi i-Orlando Pirates ingenzela iNingizimu Afrika, inqobe isicoco seligi,” kusho uMcCarthy oke wacija AmaZulu FC.
“Ngicabanga ukuthi kungaba yinto enhle kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika uma iPirates ingashintsha izinto, iligi inqotshwe elinye iqembu.
“Ukukhonya (kweSundowns) akungabi kukhulu kangaka, kuhlale kuyiqembu elilodwa nje kodwa nginesiqiniseko sokuthi amaqembu afana neChiefs angagqugquzelwa yilokho (ukunqoba kwePirates).
“Ngakho iPirates ngiyifisela konke okuhle kodwa emizameni yayo yokunqoba isicoco, futhi ngethemba ukuthi ingakwenzela iNingizimu Afrika lokho.”
IBucs iyona ezihola phambili kwilogi yeBetway Premiership ngephuzu elilodwa.
Nokho lokho kungase kushintshe njengoba iSundowns izobhekana neMarumo Gallants emdlalweni weligi, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.

