EzakamuvaI-Africa Cup of Nations

‘Umengameli weCAF (uMotsepe) akahlangene nokuphucwa kweSenegal i-AFCON’

SIHLE NGUBO

Umengameli weConfederation of African Football (CAF), uPatrice Motsepe, akahlangene nokuthathwa kwesinqumo sokuthi iSenegal iphucwe indebe ye-Africa Cup of Nations (AFCON) bese inikwe iMorocco.

Lokhu kucaciswe uLux September, oyinhloko yezokuxhumana kwiCAF, ebhala kwiFacebook ecacisa mayelana nalolu daba.

NgoLwesithathu kuvukwe nezindaba ezishaqisayo zokuthi iSenegal ayisebona ompetha be-AFCON kodwa ompetha sekuyiMorocco.

ISenegal iqukule indebe ye-AFCON ngemuva kokushaya iMorocco ngo 1-0 esikhathini esengeziwe, kowamanqamu ngoJanuwari 18.

Kulo mdlalo wamanqamu kwaba nesigameko esingesihle ebholeni lase-Afrika, okwaze kwaholela ekutheni abadlali beSenegal badube, baphume enkundleni.

Ngaleso sikhathi babekhala ngephenathi eyabekwa unompempe sekusele amanenjana ukuthi kuphele umdlalo, lapho zazibambene ngo 0-0.

USadio Mane wabancenga abadlali baseSenegal, abase besezindlini zokushintshela, ukuthi babuyele enkundleni baqedele umdlalo.

Lokhu kwabukeka kuyisinqumo esiphusile njengoba umdlali weMorocco, uBrahim Diaz, ayigeja iphenathi umdlalo waya esikhathini esengeziwe.

ISenegal yabe seyithola ithuba elilodwa esikhathini esengeziwe, uPapa Gueye walibeka phakathi kwaphela kanjalo ngosokhaya iMorocco.

Nokho konke sekushintshile ngemuva kwezinyanga ezimbili njengoba indebe ye-AFCON seyinikwe iMorocco kulandelwa u-Article 82 no-84 we-AFCON.

I-CAF Appeals Committee izeseke ngokuthi isebenzise u-Article 82 no-84 we-AFCON Regulations, othi uma iqembu “lenqaba ukudlala noma lishiya inkundla ngaphambi kokuthi kuphele umdlalo, lingagunyaziwe unompempe, kumele lithathwe njengelehluliwe futhi likhishwe unomphelo kulowo mqhudelwano osuke uqhubeka.”

ISenegal seyithembise ukuthi izoludlulisela phambili udaba kwiCourt of Arbitration for Sport, ngoba ayenelisekile ngalesi sinqumo.

Baningi asebeqalile ukugxeka iCAF nomengameli wayo uMotsepe ngalolu daba.

Nokho uSeptember uthe uMotsepe ubengeyona ingxenye yalabo abafinyelele kulesi sinqumo njengomengameli wale nhlangano yebhola e-Afrika.

“Umengameli weCAF akahlali noma abe nezwi kwibhodi yabehluleli ethatha izinqumo kwiCAF,” kubhala uSeptember kwiFacebook yakhe.

“Ibhodi eqondisa ubugwegwe nebhodi okudluliselwa kuyona amacala, abunjwe amajaji nabammeli.

“Umengameli weCAF uthola izinqumo nge-email njengawo wonke umuntu, sekwenzekile. Lokhu kuyinto eqonde ngqo.”

UMotsepe usephawulile ngalolu daba, wezwakalisa ukuphoxeka okukhulu “ngezigameko ezingamukelekile” ezagubezela lo mdlalo omkhulu kangaka ebholeni lase-Afrika.

Uqinisekise ukuthi uyazihlonipha izinqumo ezithathwe yibhodi yabehluleli kumbandakanya nebhodi yokudlulisela amacala phambili (Appeal Board).

Uthe usezwile ukuthi iSenegal iludlulisela phambili udaba, futhi uyajabula ngalokho ngoba kuyilungelo layo.