EzakamuvaIbhola

IChiefs seyigcine ilibumbile iqembu lebhola lezingcwayi

INTATHELI YEMPEMPE

IKaizer Chiefs seyigcine iyenzile into ekade yayifunwa abalandeli – ukubumba iqembu lebhola layo labesifazane.

Amakhosi amemezele lokhu ngoLwesibili ntambama, nokuyizindaba ezinhle kakhulu kwabesibhuda abazifela ngonobhutshuzwayo.

Abalandeli bebelokhu bebuza ukuthi iChiefs ne-Orlando Pirates bavinjwe yini ukuba namaqembu abesifazane ebhola, ngoba iMamelodi Sundowns kade yakwenza lokho.

IMamelodi Sundowns Ladies iyona ehlale izidlela amahlanga kwiligi yabesifazane, ngakho belu ukuthi amanye amaqembu ePremiership abengazihluphi ngokuba namaqembu abesifazane.

Isenzo seChiefs sibukeka sizocindeza iPirates ukuthi nayo izame imizamo yokuqala iqembu labesifazane lebhola.

Iqembu lezingcwayi leChiefs lizoxhaswa yinkampani iBrima, kaTshepo Brian Mekoa, ongusihlalo wayo.

“Sijabule kakhulu ukuba abaxhasi bokuqala ngqa beKaizer Chiefs Ladies, futhi siyaziqhenya ukuzihlanganisa naleli qembu elaqalwa yindoda esencane ngo-1970, uKaizer Motaung,” kusho uMekoa.

“Sesisebenze kanzima ukwakha inkampani enamandla abantu baseDaveyton, lapho ngiphuma khona, bengaziqhenya ngayo.

“Ukusebensizana naMakhosi kusinika ithuba lokuqhubeka nokubhala udaba lwethu oluhle.”

UJessica Motaung, oyiMarketing and Commercial Director yeChiefs, wemukele iBrima emndenini waMakhosi.

“Siyajabula kakhulu ngodaba lukaTshepo (nomkakhe) uMatsietsi Mekoa, asebesebenze ngokuzikhandla ukwakha enye yezinkampani ezinkulu ezwenu,” kusho uMotaung.

“Ukukholelwa kwabo ebholeni labesifazane kuyagqugquzela futhi sethemba ukuthi nezinye izinkampani zizolandela ezinyathelweni zabo, ukusiza ekukhuphuleni ibhola labesifazane eNingizimu Afrika nasezwenikazi i-Afrika.”

IKaizer Chiefs Ladies enesikwati sabadlali abangu-24, izoqeqeshwa ngu-Unathi Mabena, kanti izodlalela imidlalo yayo KwaThema Stadium naseKaizer Chiefs Village, eNaturena.