Kuvela isizathu sokuvalwa kweMoses Mabhida Stadium isikhashana
INTATHELI YEMPEMPE
Abaphathi beMoses Mabhida Stadium, eThekwini, sebememezele ukuvalwa kwale nkundla isikhashana ukuze kuhlumeleliswe indawo yokudlala unobhutshuzwayo enkundleni.
Ngokwesimemezelo esisemthethweni inkundla izovalwa kusukela ngoMashi 30 kuya ku-Ephreli 30 nonyaka (2026), ukuze ilungiswe kahle futhi ibuyele esimeni.
Inhloso enkulu yalokhu ukuthi inkundla ibuyele esimeni esihle ngaphambi kwemidlalo okulindeleke ukuthi idlalwe ngoMeyi.
Yize kuzobe kulungiswa lapho kudlalwa khona ngalesi sikhathi kodwa inkundla izobe iqhubeka nokusebenza njengokujwayelekile kwezinye izinto.
Izivakashi zisengeza enkundleni, ziye ezitolo nezinye izinto ezizoqhubeka nokusebenza njengokujwayelekile.
Ukuhlumelelisa okuzokwenzeka kuthiwa kubalulekile kakhulu ukugcina inkundla isesimeni esihle isikhathi eside, uma kubhekwa ukuthi isisetshenziswe kakhulu.
Isikhathi eside sokuthi inkundla ivuseleleke kuqinisekisa ukuthi iba sezingeni elifanele ukuthi kudlalelwe kuyona, bese kuba nokuphepha nokudlala kahle kubadlali abasuke bedlala kuyona.
Abaphathi benkundla sebebonge umphakathi ngokuqonda isimo nokubambisana nabo ngalesi sikhathi sokuvalwa kwenkundla, begcizelela ukuzinikela ekutheni konke kube sezingeni eliphezulu kuyo yonke imicimbi ezayo.
Uma konke sekuphothuliwe kulindeleke ukuthi inkundla ibe sesimeni esihle kakhulu, ikulungele ukusingatha imidlalo futhi iqhubeke nokuletha imidlalo esezingeni eliphezulu eThekwini.
AmaZulu FC, okuyiwona asebenzisa kakhulu iMoses Mabhida Stadium, njengenkundla yawo yasekhaya, adlalele umdlalo wawo weBetway Premiership neSekhukhune United, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ngoMsombuluko.
IMoses Mabhida Stadium kulindeleke ukuthi isingathe umdlalo wokuqala ngemuva kokulungiswa uma Usuthu selwamukela iKaizer Chiefs koweligi ngoMeyi 16.
Umdlalo phakathi kwaMaZulu neLamontville Golden Arrows ngoMeyi 6, uzodlalelwa eHollywoodbets Kings Park Stadium.

