EzakamuvaIBafana Bafana

UDoctor Khumalo ugxeka abebebukela phansi iBafana Bafana

SIHLE NGUBO

Owayengumdlali wasesiswini weKaizer Chiefs neBafana Bafana, uDoctor “16V” Khumalo, ugxeka labo abebebukela phansi iqembu lesizwe njengoba liyibambe kwiNdebe yoMhlaba ka-2026.

Abaningi bebengayinike lutho iBafana Bafana kwiNdebe yoMhlaba eqhubekayo e-USA, iseCanada naseMexico.

Nokho ezikaHugo Broos zimangaze abaningi zidlulela emzuliswaneni olandelayo, kulandela ukushaya iSouth Korea ngo 1-0 emdlalweni wokugcina wamaqoqo.

IBafana Bafana seyizotholana phezulu neCanada, engosokhaya, emdlalweni weLast 32, ngeSonto.

UKhumalo oke wayibamba kwiColumbus Crew yase-USA, uthi baphoxekile labo abebebukela phansi iBafana Bafana.

“Ngicabanga ukuthi njengoDoctor kumele ngibashayele ihlombe abafana ngokwenza kahle, nokuqopha umlando,” kusho uKhumalo kwiSABC.

“Balwe kwaze kwakhala impempe yokugcina ngoba bekunomsindo omkhulu ngalaba bafana.

“Bayibukele phansi iNingizimu Afrika – umhlaba, i-Afrika ababahloniphanga laba bafana. Bathe bebeyojika nje laphaya.

“Bekubuhlungu ukubona lokho, ukuzwa lokho. Konke obekushiwo umhlaba ngalaba bafana bekungekho kuhle neze. Bebenganikwe lutho nje.

“Bavele bathi abadlali bethu abakulungele ukuba semqhudelwaneni walolu hlobo, basho yonke into.

“Njengamanje ngifuna ukubona nokuzwa ukuthi umhlaba ne-Afrika bazothini.”

IBafana Bafana inethuba lokuqhubeka nokuqopha umlando uma ishaya iCanada bese idlulele kwiLast 16.

Elinye iqembu lase-Afrika elenza Kahle kwiNdebe yoMhlaba, yi-Egypt nayo esidlulele kwiLast 32.