Uphoqoze inqwaba yamarekhodi umgadli ohlukana neDowns
SIHLE NGUBO
Ngeke esabonakala egqoke imibala yeMamelodi Sundowns ngesizini ezayo, umdlali obesehlale kuyona amasizini amaningi, uPeter Shalulile.
Lo mgadli waseNamibia inkontileka yakhe naBafana Ba’Style iphele ngoJuni 30 nonyaka.
ISundowns ibingakwazi ukuvuselela inkontileka kaShalulile ngonyaka, ngokwesivumelwano, kodwa yanquma ukungakwenzi lokho.
Lokhu kuchaza ukuthi uShalulile usengazitholela iqembu alithandayo, azogijima kulona ngesizini ezayo.
KwiSundowns uShalulile unqobe izindebe eziningi, okukhona kuzona isicoco zeligi (eziyisithupha kulandelana) iNedbank Cup neMTN8.
Lo mgadli oneminyaka engu-32, ufike kwiSundowns ngo-2020 ngemuva okwenza kahle kwiHighlands Park.
Azokhunjulwa ngakho kakhulu uShalulile ukushaya igoli bese atshakadulise okwenyamazane eqonde ekhoneni lenkundla.
Ube ngumdlali wokuqala ukunqoba iPSL Lesley Manyathela Golden Award, amahlandla amathathu ehlukene.
Uphinde waqopha umlando eshaya amagoli angu-100 ngokushesha kunabo bonke abadlali asebeke bayibamba kwiPSL.
Uphoqoze irekhodi ebese lihlale iminyaka likaSiyabonga Nomvete, lokushaya amagoli amaningi kunabo bonke abadlali kwiPremiership (angu-129).
UShalulile ugcine ebeke enethini amagoli angaphezulu kuka-130 okuyirekhodi okuzothatha isikhathi ukuthi lephulwe.
Imibiko yakamuva iveza ukuthi lo mdlalo ngeke aleswele iqembu ngoba likhona vele elimeshelayo.
UShalulile ufunwa uthuli iqembu elidlala esigabeni esikhulu eZimbabwe, iScotland FC.
Kuthiwa leli qembu selibeke u-R4.1 million etafuleni, okuyimali elifisa asayine ngayo uShalulile.
Ngeke kumangaze uma ethulwa maduze yilabo macaphuna kusale bakwaBulawayo.
Naseqenjini lesizwe laseNamibia uShalulile ushaye amagoli abalulekile kakhulu, waphinde walihola njengokaputeni.

