IBafana Bafana

ISAFA ayikavumelani noMosimane, ixoxa nomunye umqeqeshi

SIHLE NGUBO

Angase agcine engabuyelanga kwiBafana Bafana njengomqeqeshi, uPitso “Jingles” Mosimane, okuke kwavela ukuthi uyena ohamba phambili ukuthi athathe lo msebenzi.

Ezakamuva zithi kunezingxoxo ezikhona phakathi kweSAFA nomqeqeshi uGustavo Poyet wase-Uruguay.

Kuke kwavela ukuthi bekungakabi khona ukuvumelana kuMosimane neSAFA mayelana nemali ezoholwa yilo mqeqeshi.

ISAFA kuthiwa ibeke u-R500 000 etafuleni kodwa uMosimane ne-agent yakhe abeneme nakancane ngalokho.

UMosimane uke wasebenza njengomqeqeshi weBafana Bafana phambilini, kanti kuvela ukuthi wayehola u-R700 000 ngenyanga.

UHugo Broos, osanda kushiya ekucijeni iBafana Bafana, kuthiwa ubehola u-R1.4 million ngenyanga.

Nokho lo mqeqeshi waseBelgium bekusamele abuyisele le mali kuma-euros, okusho ukuthi ubegcina ehola imali ecisho ilingane nale ebinikwa uMosimane.

“Izingxoxo ziyavuthwa phakathi kweFAF noGustavo Poyet ukuthi ayoqeqesha iVerts,” kubika i-Onze yaseFrance.

Iqhube yathi uPoyet ubhekwe nayi-Algeria, kanti ubhekwe nayiPoland neBafana Bafana.

UPoyet uqale ukuqeqesha e-England lapho ebesebenza njengephini lo mqeqeshi ngaphambi kokuyocija iBrighton & Hove Albion ngo-2009.

Usheshe wazibonakalisa kuleli qembu enqoba isicoco seLeague One nalo ngo-2011.

Ngemuva kwalokho unyukele kwiPremier League neSunderland ngo-2013. Usize leli ukuthi livike izembe ngaphambi kokuthi alifake kowamanqamu weLeague Cup ngo-2014.

Njengamanje kulindeleke ukuthi iSAFA imemezele umqeqeshi omusha kodwa kusengenzeka kungabi uMosimane njengoba bekulindelekile.