IMagesi ingazithola ibuyela kwiNFD itshethe indebe yeCarling Knockout
SIHLE NGUBO
IMagesi FC ingazithola ibuyela kwiMotsepe Foundation Championship nendebe yeCarling Knockout esanda kuyithatha, uma ingashintshi ukwenza.
Leli qembu eliqeqeshwa uClinton Larsen lifike kwiBetway Premiership lazenzela igama ngokubhincisela nxanye amaqembu amakhulu kule ligi.
EzikaLarsen ziqale ukuzenzela udumo ngokushaya i-Orlando Pirates ngo 3-2 emdlalweni weLast 16 yeCarling Knockout.
Ngemuva kwalokho iMagesi icisho yashaya iKaizer Chiefs emdlalweni weBetway Premiership lapho yayihamba khona phambili ngo 2-0 sekusele imizuzu engu-17 kuphele umdlalo. Nokho umdlalo wagcina uphele ngo 2-2.
Ayigcinanga lapho iMagesi njengoba ifike kowamanqamu weCarling Knockout yajabhisa ompetha beligi, iMamelodi Sundowns, iyishaya ngo 2-1.
Konke lokhu sekuyenze yanedumela elikhulu iMagesi, lokuthi ayiwezwa amaqembu amakhulu adlala kwiligi yaseNingizimu Afrika.
Nokho kwiPremiership izinto aziyihambeli kahle neze iMagesi futhi uLarsen nethimba lakhe labaqeqeshi kumele bayisukumele leyo.
IMagesi ithelwe ngesibhaxu sika 3-1 yiMarumo Gallants emdlalweni wePremiership ngoMgqibelo. Leli qembu yilona elishaye igoli kuqala kulo mdlalo kodwa lagcina likhala ngaphansi.
Njengamanje iMagesi inamaphuzu ayisithupha ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalombili. Isendaweni ka-15 kwilogi yePremieship.
Isakwaze ukunqoba umdlalo owodwa, yadlala ngokulingana emithathu kwase kukhala isibhaxu kwemine.
Lesi simo asisihle neze futhi kuzomele azame ukuphuma kusona uLarsen, kungenjalo bazobuyela lapho bevela khona.
Iphini lomqeqeshi kwiMagesi, uPapi Zothwane, lisanda kucashunwa lithi: “Into ebalulekile ukuhlala kwiBetway Premiership, ukunqoba indebe (iCarling Knockout) kube yibhonasi nje.”
ICape Town Spurs ifike kwiPremiership yashaya iPirates neChiefs yase iphindela kwiMotsepe Foundation Championship. Njengamanje akuyihambeli kahle bakhona njengoba seyishaywe imidlalo eyisikhombisa kwengu-13 esiyidlalile.
Kuzomele ibhukule iMagesi emdlalweni olandelayo lapho izobhekana neSuperSport United eLucas Moripe Stadium, ngempelasonto.